‘UMadisha ubefana nomfowethu eselamana naye,’ kusho uMorena weSundowns

UThapelo Morena nobengumngani wakhe uMotjeka Madisha

OKADONGA GUMBI

Bekusele kancane zehle mi izinyembezi kumdlali weMamelodi Sundowns, uThapelo Morena ngesikhathi ekhuluma nabomndeni kazakwabo osanda kushona, uMotjeka Madisha ngoLwesine.

ISundowns beyiyobhonga emswaneni khaboMadisha eGa-Madisha Leole, eZebediela, eLimpopo kulandela ukushona kwalo mdlali engozini yemoto ngoDisemba.

Nokho ukuthi nguye owayeshayela imoto kuze kwaqinisekiswa ngempelasonto edlule kulandela ukuthi umndeni wakhe wafuna ukuba kwenziwe ucwaningo olunzulu ukuqinisekisa ukuthi nguyena muphi uMadisha.

Ngesikhathi sengozi, eyenzeka eMidrand, eGauteng, babebabili emotweni eyagqamuka amalangabi ngemuva kokushayisa isigxobo, basha baphela ababephakathi.

“Angazi ngingaqala kuphi… uMadisha bengimthatha njengemfowethu ongelamayo,” kusho uMorena ekhuluma nabomndeni.

“Senze izinto eziningi noMadisha. Ngiyaqala kodwa ukuza ekhaya kubo. Kubuhlungu ngoba uMadisha ubazi ekhaya, esefike kaningana, kodwa mina sengifika kubo ngale ndlela esifika ngayo.

“Ngawo uDisemba lo alimale ngawo, besihlele ukuthi sizoza lapha ekhaya. Ngebhadi izinto azenzekanga ngendlela ebesifisa ngayo. Ngiyafisa ukukhuluma kodwa anginawo amandla, uma ngicabanga ngoMadisha inhliziyo yami iba buhlungu,” kusaqhuba yena.

Ube esecela ukuba baqine idolo ukuze nabo np engabadlali beSundowns bezokwamukela lesi simo.

“Bantu abadala, anilahlekelwe nodwa, kulahlekelwe isizwe sonkana. Mina ngilahlekelwe umuntu obewumngani. Ngicela niqine, uma niqinile nina nizongipha amandla nami okuthi ngiqine.”

UMadisha ushone ngoDisemba 12 nyakenye eseneminyaka engu-25 nje kuphela. Ubeseyisiqongqwane esethenjiwe odongeni lwasemuva lweSindowns kanti nakwiBafana Bafana ubeseqalile ukuzibekisela indawo.

Umqeqeshi weBafana, uMolefi Ntseki nethimba lakhe elimsizayo nabo bayile khaboMadisha beyolila ekuqaleni kweviki.

Leave a Reply

Your email address will not be published.