UMaduka ujabule ngamaphuzu ‘abawantshontshe’ kwiSuperSport

UMotebang Sera weBloemfontein Celtic ushaye igoli bebhekene neSuperSport United

SIHLE NDLOVU

Ukuwina kweBloemfontein Celtic eshaye iSuperSport United ngo 2-1 emdlalweni weDStv Premiership, kwehle kahle kumqeqeshi uJohn “Vul igate” Maduka.

ICeltic ibiye kulo mdlalo kungahamabi kahle ngokwamaphuzu njengoba ibisakwaze ukuqoqa angu-14 kuphela emidlalweni engu-14. Ngaphandle kwalokho iPhunya Sele Sele ibiphuma esibhaxwini sika 4-0 esithole kwiCape Town City emdlalweni weNedbank Cup Last 32 ngempelasonto.

Nokho emdlalweni wangoLwesibili eDr Molemela Stadium, eBloemfontein, ikhombise ukuzimisela kakhulu. Amagoli eCeltic ashaywe nguReagan van der Ross noMotebang Sera. Elokubika ekhaya leSuperSport lize noLucky Mohomi.

UMaduka uthe ujabule kakhulu ngamaphuzu amathathu kulo mdlalo obunzima kakhulu.

“Ngicabanga ukuthi sidlale kahle futhi siqale umdlalo ngendlela ekahle. Besazi ukuthi iSuperSport izoza kithina kodwa besikulungele lokho. Esikwenzile ukuqinisekisa ukuthi umdlalo siwusa kubona kodwa futhi besizama ukuthi sivale emuva. Uma siya phambili ngesiwombe sokuqala bekubonakala ngoba siwenzile amathuba, futhi ukube besiwasebenzisa ngendlela besingathola igoli noma amabili,” kusho uMaduka.

Umdlalo uye ekhefini kungekho goli kodwa iCeltic ibilokhu ikhombisa ukuthi ingcono kuneSuperSport ngokomdlalo.

“Ngesiwombe sesibili siqhubekile nokwakha amathuba kodwa singafuni ukuxega emuva ngoba siyazi ukuthi iSuperSport ingakubamba ngokuzuma uma uhlasela ngokungaqapheli. Sikwazile ukukwenza lokho kwaze kwaba sithola igoli. Ngemuva kwalokho besazi ukuthi bazosihlasela futhi bakwenzile lokho.

“Bashaye igoli kodwa ngokuqhubeka komdlalo siqhubekile nokubacindezela futhi ukube besithatha izinqumo ezikahle besingashaya amagoli amathathu, amane noma amahlanu. Nokho sikwazile ukuthola igoli lesibili sathola namaphuzu amathathu. Bekungumdlalo onzima kakhulu kodwa futhi obumnandi,” kuphetha uMaduka.

Emdlalweni olandelayo weligi iCeltic izobhekana neChippa United khaya ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

sihle@impempe.com

Twitter: @NtwanaSihle

Leave a Reply

Your email address will not be published.