UMaduka uthi bebazi bazogcina beyiThwahlazile iTuks

UJohn Maduka
Sihle Ndlovu

Umqeqeshi weRoyal AM, uJohn Maduka, uthi bebazi bazoyiThwahlaza ekugcineini i-University of Pretoria yize kade isihamba phambili ngo 2-0.

IThwihli Thwahla igcine iwine lo mdlalo we-qaurterfinal yeNedbank Cup ngo 3-2, eChatsworth Stadium, ebekungadlaleki kahle kuyona ngenxa yemvula. IRoyal AM seyizobhekana neMamelodi Sundowns kowandulela owamanqamu.

“Bekunzima ukudlala (ngenxa yenkundla) ngakho siqale ngegiya eliphansi kakhulu,” kusho uMaduka.

“Besazi ukuthi sizogcina singenile egiyeni kodwa ngebhadi sithe siqambe senza lokho sabe sesidedele igoli. Ngemuva kwalokho sizamile ukudlala ibhola esilijwayele kodwa isimo besinzima kakhulu.”

IRoyal AM ibuye seyingcono kakhulu ngesiwombe sesibili kanti iqhawe layo kube uVictor Letsoalo oshaye amagoli amabili.

“Into ebesiyazi ukuthi uma umdlalo uqhubeka bazokhathala. Kufikile lapho sibone khona ukuthi bese bekhathele,” kusho lo mqeqeshi.

“Sinqume ukuthi sinike abadlali bethu imizuzu elinganiselwa kwengu-20 bese ngemuva kwalokho senze utshintsho. Uma sekungene abadlali abasuka ebhentshini besazi ukuthi ngeke bamelane nalokho, futhi yinto eyenzekile leyo.”

Umdlali oshaye igoli lokuwina leRoyal AM kube uMfundo Thikazi ongomunye walabo abangene besuka ebhentshini.

“Kungaba kuhle ukuthi sigcine sifinyelele emdlalweni wamanqamu. Kodwa ngaphambi kwalokho kumele siqinisekise ukuthi siyawina kowandulela owamanqamu,” kuphetha uMaduka.

IThwihli Thwahla ayikashayelwa ekhaya selokhu kuqale isizini kanti izodlalela khona umdlalo owandulela owamanqamu neSundowns.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.