UMaduka uveza ‘imfihlo’ yokushaya amagoli ekugcineni kweRoyal AM

UMaduka uveza 'imfihlo' yokushaya amagoli ekugcineni kweRoyal AM
UJohn Maduka
Alfred Ngubane 

UJohn Maduka ongumqeqeshi weRoyal AM usecacisile ngokuhlohla amagoli ngemizuzu yokugcina kwaleli qembu lakhe.

Seyiminingi imidlalo la leli qembu elivele livuke indlobane ngemizuzu yokugcina bese lishiya kukhalwa ngokushaya amagoli okuwina sekuvalwe amehlo.

Ekhuluma neMpempe ngokukhethekile kuleli viki, uMaduka uthi awukho nhlobo umlingo okhona kodwa abadlali bakhe uyabatshela ukuthi kumele badlale ibhola imizuzu engu-98 nangaphezulu kwalokho.

“Awukho umuthi noma umlingo esiwusebenzisayo. Ngiyezwa nje kuthiwa kukhona lento esenza sishaye amagoli umdlalo sewuphela,” kusho uMaduka ezihlekela.

Uphinde waveza ukuthi bazakhela bona inhlanhla njengoba besebenza kanzima ejimini lapho abayalalela khona ukuthi ufunani kubo.

Khonamanjalo uMxolisi Macuphu ongumgadli kwiRoyal AM uncome amagalelo kaMaduka, wathi ungumqeqeshi okhaliphile futhi kuyakhombisa ukuthi walidlala ibhola ezingeni eliphezulu.

“Uyakwazi ukubona ukuthi abadlali abaneme ngokubheka indlela abenza ngayo izinto ejimini, abalalele baphume nekhambi lalokho okubahluphayo.

“Uma uqhathanisa nabanye abaqeqeshi abafunza abadlali ushevu ngoba nakhu kuthiwa bangcono ngoba baphuma e-Europe, uMaduka ukude kabi nabo,”¬† kusho uMacuphu.

FUNDA NALA: UMaluleka ubambe izinyembezi ngokushaya igoli lokuqala kwiSundowns

Yize engalibekanga ngembaba, kodwa cishe uyambala nomqeqeshi weTS Galaxy abedlala kuyo Impempe eyathola ukuthi washiya bengezwene naye.

UMacuphu uthi kumanje uthobekile ngemuva kweminyaka engahlali emaqenjini engena ephuma njengoba eseke wadlala kwiJomo Cosmos, Bidvest Wits, Golden Arrows, Chippa United neTS Galaxy.

Uveze ukuthi izinto zakhe bezingavumi ukuqondana ngenxa yokuthi umsamo wakhe bewungemuhle neze kodwa usewulungisile manje.

“Ezinye izinto awuzinaki kuze kube ziyakuvezela ukuthi zibalulekile. Inkinga ke ukuthi kwesinye isikhathi akuveli kahle.

“Okuhle ke kimi wukuthi ngikwazile ukubona ukuthi yini le ebiyenza ngingakwazi ukuhlala ndawonye, ngasukuma ngakulungisa.

Uveze nokuthi uhlobo lwabadlali adlala nabo kwiRoyal AM luphambili futhi lumqonda kahle indlela asebenza ngayo.

UMacuphu nguye owine indondo yePSL yokuba nguMdlali oVelele kwiDStv Premiership ngoFebhuwari noMashi.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.