UMaela ngeke anqabe uma enikwa ibhande lobukaputeni kwiBucs

UMaela ngeke anqabe uma enikwa ibhande lobukaputeni kwiBucs
U-Innocent Maela ongomunye wababhekwe ukuba bahole i-Orlando Pirates ngesizini ezayo
Sbongs Gumbi

Enye yezinto ebhekwe kakhulu kwi-Orlando Pirates ngesizini ezayo – ngale kokubona ukuthi iqembu lenza njani ngaphansi kukaJose Riveiro – wukubona ukuthi ubani ozonikwa ibhande lobukaputeni.

Phela iPirates ibadedele bahamba bonke abadlali abebengokaputeni bayo ngesizini edlule okungoHappy Jele, Thulani Hlatshwayo noNtsikelelo Nyauza.

Lokhu kushiye isikhala salo msebenzi kanti u-Innocent Maela usesiphakamisile isandla ukuthi yena engalithatha leli bhande uma engalinikwa.

“Angicabangi ukuthi liza nengcindezi,” kusho uMaela kwabezindaba ngesikhathi kwethulwa ijezi elisha laleli qembu ngoLwesine ntambama.

“Cha. Ngicabanga ukuthi liwumsebenzi. Kodwa ke vele woke umdlali eqenjini unomsebenzi okumele awenze.

“Uma belinika mina ibhande lobukaputeni, impela ngingajabula kodwa ngeke kube nengcindezi ngoba ngiyazi siyasekana njengeqembu.

“Ngiyazi ozakwethu bazohlale bekhona futhi bengeseka. Uma linikwa omunye ibhande, nami ngizomeseka ngayo yonke indlela.

FUNDA NALA: EzikaMaMkhize sezizoba nabaqeqeshi abasebenza ngokubambisana njengeDowns

“Akubalulekile kangako ukuthi ngubani ogqoke ibhande, uma nje wonke umdlali ewenza ngokukhuthala umsebenzi wakhe, futhi azi ukuthi yini ebhekwe kuye, sizoyibona impumelelo.”

Ukuvumile uMaela ukuthi ukuhamba kukaJele kuzoshiya isikhala esikhulu eqenjini kwazise amava akhe abesiza uma sekushubile.

“Impela silahlekelwe ngokuhamba kukaHappy Jele. Ubenesithunzi esikhulu egunjini lokushintshela. Kodwa ke kunika abanye ithuba lokuphakama bamele lesi sikhundla.”

UMaela uvele ungomunye wabadlali ababhekiwe kulesi sikhundla njengoba ake asibamba ngesikhathi ebolekiswe kwiThanda Royal Zulu phambilini.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.