UMaema ube yiqhawe iSundowns idlula kwiMaritzburg kunzima

UMaema ube yiqhawe iSundowns idlula kwiMaritzburg kunzima
UMBIKO: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter 

UNeo Maema usize uPeter Shalulile weMamelodi Sundowns ashaye igoli lakhe lesithupha kule sizini ngesikhathi iqembu lakhe lishaya iMaritzburg United ngo 1-0 eLoftus Stadium ePitoli, ngoLwesithathu.

Emdlalweni weDStv Premiership lapho iTeam of Choice idlale kahle ngesiwombe sokuqala, kodwa kube wuShalulile olibeke enethini ngomzuzu ka-56.

Uthole iphasi kanokusho esuka ayishayele uMaema nokuyiyo emsize wathola leli goli. UMaema oqokwe njengomdlai ovelele kulo mdlalo.

Lokhu kwenze ukuthi iSundowns iqhubeke nerekhodi layo lokungashaywa kule sizini nokungangenelwa yigoli.

Umdlalo ubumuhle kakhulu, womabili amaqembu ethengana. Nokho ngesiwombe sokuqala iTeam of Choice bekumele ilishaye igoli ngendlela ebidlala ngayo.

Ngemuva kokuthi iSundowns ishaye igoli icishe yaphinda elinye kodwa unozinti weMaritzburg uMarcel Engelhardt, walichitha ibhola likaPavol Safranko.

Ukuwina kweSundowns kwenze yavula igebe lamaphuzu amathathu esicongweni njengoba ilandelwa yiStellenbosch FC esendaweni yesibili.

IStellies nayo ayikashaywa emidlalweni yeligi kanti iqhubeke nomgqigqo wayo omuhle ngokushaya iKaizer Chiefs ngo 1-0 ngoLwesibili.

Indlela edlala ngayo iSundowns abalandeli abaningi bebhola eNingizimu Afrika bayamangala ukuthi yini kungabi abalandeli beSundowns abaningi eqenjini lesizwe iBafana Bafana.

Abadlali abafana noNeo Maema, Andile Jali, Themba Zwane, Mosa Lebusa noHaasim Domingo, akungabazeki ukuthi bayadingeka kwiBafana.

FUNDA NALA: UBroos uthi akaqali ukubiza uDolly kwiBafana

Emdlalweni olandelayo iSundowns izobhekana neMarumo Gallants ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane ngeSonto.

Maningi amathuba okuthi Abafana Ba Style baqhubeke nokuqoqa amaphuzu nokungadedeli igoli kulo mdlalo.

Khonamanjalo iPremier Soccer League (PSL) iqinisekise ukuthi umdlalo phakathi kwaMaZulu FC neMarumo Gallants uzophindwa ngoLwesine eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngo-3.30 ntambama.

Lo mdlalo umisiwe ngemuva kokuthi kube nokushayisana kwemibala yamajezi ngoLwesithathu.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.