UMaema ufuna baqhube usiko lokuvulela induku kwiPirates

UMaema ufuna baqhube usiko lokuvulela induku kwiPirates
Sbongs Gumbi

UNeo Maema uthi bona bazolandela usiko leMamelodi Sundowns uma sebebhekene ne-Orlando Pirates emdlalweni womlenze wokuqala kweyandulela owamanqamu kwiMTN8.

Uthi usiko lweSundowns elokuthi kumele bawine yonke imidlalo abayidlalayo kungakhathalekile ukuthi basekhaya noma ekuhambeni.

Lo mdlalo womlenze wokuqala uzoba sekhaya lePirates e-Orlando Stadium ngoMgqibelo ngo-3 ntambama kanti kulindeleke ushube.

“Kunesiko kwiSundowns lokuthi sifuna ukuwina yonke imidlalo. Angiboni ukuthi ibalulekile lento yokuthi umlenze wokuqala noma wesibili uma kuza endleleni esidlala ngayo,” usho kanje uMaema.

“Asikubekile ezingqondweni zethu ukuthi imidlalo izoba mibili, esikufunayo nje wukuyiwina yomibili,” kuchaza yena.

ISundowns ivele inalo ithonya lokuyibhubhisa ngenduku iPirates e-Orlando Stadium futhi kule minyaka emibili edlule leli qembu lasePitori liyazenzela kweZimnyama.

Nakulokhu uMaema uthi bazokwenza lokhu okuhlale kulindeleke kubo – ukubhakuzisa inethi bese bewina umdlalo.

“Thina singabadlali abahlaselayo sihlezi sinengcindezi esizifakela yona yokuthi sifuna ukubhakuzisa inethi ngaso sonke isikhathi.

“Sizama ngayo yonke indlela ukuwasebenzisa ngendlela amathuba esiwatholayo ngoba vele yilokho okusuke kulindeleke kithi.”

FUNDA NALA: UZwane usola uBroos ngakusho ngoDu Preez kwiBafana

Nokho iPirates izothola ithemba ekutheni iSundowns ayikakhombisi ukuba bukhali njengangesizini edlule phambaili kulokhu. Futhi iyashayeka njengoba seyishaywe kabili kwiligi nje.

“Kule midlalo embalwa edlule bekunzima kodwa ke njengakuyo leyo midlalo, ngeke siyeke ukuzama futhi kuzogcina kwenzekile ekugcineni,” kuchaza uMaema.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *