UMaema ufuna iSundowns ibuyise amaphuzu ewalahlile

UMaema ufuna iSundowns ibuyise amaphuzu ewalahlile
UNeo Maema
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter 

IMamelodi Sundowns seyilahle amaphuzu imidlalo ilandelana yize kuseyiyona yodwa engakashaywa emidlalweni yeDStv Premiership kule sizini.

Abafana Ba Style baqale babambana neCape Town City ngo 0-0 ngoNovemba 20, base bephinda bedlala ngokulingana ngo 2-2 neSuperSport United ngoLwesithathu.

ISundowns igcine ukuwina ngesikhathi ibhudluza iMarumo Gallants ngo 4-0 ngoNovemba 7.

Amaphuzu amane iSundowns ewalahle emidlalweni emibili edlule athande ukuyibuyisela emuva.

Akungabazeki ukuthi izofuna ukuqoqa aphelele uma isibhekene neSekhukhune United emdlalweni weDStv Premiership e-Absa Tuks Stadium, ePitoli, ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama.

UNeo Maema, ongomunye wabadlali abashaya into ecokeme kwiDowns, uthe banesikhathi esincane kakhulu sokulungiselela umdlalo olandelayo kodwa kumele bawuwine.

“Asitholanga umphumela ebesiwufuna sibhekene neSuperSport kodwa ngijabule ngendlela engidlale ngayo.

“Njengoba siya emdlalweni olandelayo ngethemba ukuthi sizokwenza kangcono yize singenaso isikhathi esiningi sokuzilungiselela,” kusho uMaema.

“Into ebaluleke kakhulu ukuthi sithi ukuphumula kancane ukuze sibuyise umdlandla.

“Sesiqalile vele ukuyicubungula iSekhukhune, siyazi ukuthi yini esizobhekana nayo.

“Sidlalela ekhaya okuyinto ebaluleke kakhulu, akudingeki ukuthi sihambe.

“Kumele nakanjani sithole ukuphumula ukuze kufike usuku lomdlalo siyimiqemane.”

ISekhukhune abazobhekana nayo ayilona iqembu okumele lithathwe kancane.

Leli qembu liyaqala ukudlala kwiPremiership njengoba lidle umhlanganiso kwiGladAfrica Championship ngesizini edlule.

FUNDA NALA: UMama Joy useshiye phansi iPirates

ISekhukhune iyibambe endaweni yesithathu kwilogi ngamaphuzu angu-20.

“Bathole isikhathi eside sokuphumula ngakho silindele ukuthi beze ngamandla kunathi.

“Bazofika benokuzethemba ngoba bewinile emdlalweni wabo wokugcina bebhekene neRoyal AM.

“Ngaphandle kwalokho bazoba nokugqugquzelaka ukuthi bazobe bedlala neqembu elikhulu elifana neSundowns.

“Siyazi ukuthi yini okumele siyilindele, okufanele sikwenze nje ukuthi sifike enkundleni sidlale ngendlela esihlele ngayo, sithole amaphuzu aphelele,” kuphetha uMaema.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.