UMaema uwamelile amagama akhe ewinisa iSundowns

UMaema uwamelile amagama akhe ewinisa iSundowns
UNeo Maema
UMBIKO: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

UNeo Maema ugcine isethembiso sakhe ngesikhathi esiza iMamelodi Sundowns iwine ngoMgqibelo ntambama.

ISundowns ishaye iSekhukhune United ngo 2-0 emdlalweni weDStv Premiership eLucas Moripe Stadium.

UMaema nguye oshaye igoli lokuqala kanti ubeyiphela endlebeni kubadlali basemuva beSekhukhune.

Ubekade eshilo phakathi neviki ukuthi ubheke ukuthi bajike izinto kulandela ukulahla amaphuzu emidlalweni emibili edlule.

ISekhukhune iqale ibonakala iza kahle njengoba beyizama ukuyicindezela le phambili iSundowns ukuze ingakwazi ukuyiqala emuva iminyakazo yayo.

Nokho amava eSundowns aqalile abonakala ngokuhamba komdlalo njengoba ivele yajika izinto yawatshala emaceleni amabhola.

Lokhu bekuvumela oKhuliso Mudau noLyle Lakay ukuthi banyuke beyohlasela.

Kweminye wale minyakazo, uMudau ugobe ibhola walifaka ebhokisini ngomzuzu ka-20, lafica uShalulile.

Lo mgadli ukhombise ukungabi namona njengoba elingqofele uMaema obe esededela intululwane walilanda enethini unozinti.

Ngaphambi kwalokho, uShalulile ubeke elihle ibhola phambi kukaPavol Safranko kodwa lo mgadli washaya into ephume kude nepali kade ethi uyadubula naye.

IBabina Noko ibuye seyingcono ngesiwombe sesibili ilifuna la igoli lokulinganisa.

Nokho kuthe kusabonakala iza kahle, zajika izinto ngesikhathi iSundowns ibekelwa iphenathi engacacile.

Lokhu bekulandela ukuthi uNyiko Mobbie ebonakale sengathi uvumbe ibhola ngesandla ngomzuzu ka-58.

UThemba Zwane nguye ophakamile wayibeka enethini kwaba ngu 2-0, yaqansa kakhulu indlela yeSekhukhune.

Ukubhekisiswa kwale phenathi ngabeTV kuvezile ukuthi ibhola alizange lizishayise esandleni sikaMobbie.

Nokho liyaxoleleka iphutha likanompempe kwazise isandla besiphambi kwakhe uMobbie yize singalithintanga ibhola.

Ngale wini iSundowns ivule igebe ehamba ngalo phambili kwilogi laba ngelamaphuzu ayisishiyagalolunye.

ISekhukhune yona isesendaweni yesithathu kanti isele ngamaphuzu ayishumi kwiSundowns.

FUNDA NALA: Uyalelwe ukuba ayosizwa ngokuyeka uphuzo uZuma kwiChiefs 

Komunye umdlalo ngawo uMgqibelo ntambama, iCape Town City ivulele isibhaxu kwiTS Galaxy iyishaya ngo 2-1 eKapa.

Lo mdlalo uqale ngendlela engajwayelekile kungena amagoli amabili emizuzwini emithathu uqalile.

UMduduzi Mdantsane ulivalele enethini ngomzuzu wokuqala eleqembu lasekhaya.

Kuthe kusenjalo, uMxolisi Macuphu washaya elokulinganisa lezivakashi ngomzuzu wesithathu.

UMdantsane cishe ubezitshela ukuthi useyiwezile ngesikhathi eshaya igoli lesibili ngomzuzu ka-62.

Nokho uWayde Lekay uthe naye usenombono ngokuthi umphumela uvuna bani kulo mdlalo njengoba eshaye elokulinganisa ngomzuzu ka-89.

Likhulu ke leli phuzu elitholwe yiGalaxy ekuhambeni kwazise isemizamweni yokuqhelelana nezindawo zezembe.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.