UMagala uthi ukulungele ukudlalela amaProteas

USisanda Magala wamaProteas

SIHLE NDLOVU

Kungase kubonakale ubuso obusha kwiNingizimu Afrika uma isiqala imidlalo ewuchungechunge yosuku olulodwa lapho izobhekana nePakistan eSuperSport Park eCenturion nase-Imperial Wanderers Stadium, eGoli.

Imidlalo iqala ngoLwesine ngowosuku olulodwa ozodlalelwa eSuperSport Park ngo-10 ekuseni. Ngemuva kwalokho kuzolandela omunye eWanderers Stadium, ngo-Ephreli 4. Owesithathu nowokugcina uzodlalelwa eSuperSport Park ngo-Ephreli 7.

Ngemuva kwemidlalo yosuku olulodwa kuzobe sekulandela eyeT20 emine kanti nayo izodlalelwa ezinkundleni ezifanayo ngenxa yesimo seCoronavirus.

Omunye wabadlali abafakwe esikwadini semidlalo yosuku olulodwa neyeT20, uSisanda Magala we-Imperial Lions. Lo mdlali useke waba sekhempini yamaProteas phambilini kodwa ubengakaze adlale.

Uthe kumjabulisa kakhulu ukubuye abe yingxenye yamaProteas futhi ukubheke ngabomvu ukuthola ithuba lokudlala.

“Njengoba siziqeqeshesha ngithatha usuku ngalunye, ngifuna ukuzibona ukuthi ngikwesiphi isimo. Ukubuyela ekhempini yamaProteas kwehla kahle kakhulu kimina futhi ngizimisele ngokusebenza kanzima,” kusho uMagala ekhuluma neSuperSport.

Akungabazeki ukuthi uMagala uzolithola ithuba lokudlala okungasenani kweyeT20 uma kwenzeka eshiywa ngaphandle kweyosuku olulodwa.

Isikwadi semidlalo yosuku olulodwa simi kanje:

Temba Bavuma (captain, Imperial Lions), Quinton de Kock (wk, Momentum Multiply Titans), Beuran Hendricks (Imperial Lions), Heinrich Klaasen (Momentum Multiply Titans), Janneman Malan (Six Gun Grill Cape Cobras), Keshav Maharaj (Hollywoodbets Dolphins), Aiden Markram (Momentum Multiply Titans), David Miller (Hollywoodbets Dolphins), Lungi Ngidi (Momentum Multiply Titans), Anrich Nortje (Warriors), Andile Phehlukwayo (Hollywoodbets Dolphins), Kagiso Rabada (Imperial Lions), Tabraiz Shamsi (Momentum Multiply Titans), Jon-Jon Smuts (Warriors), Rassie van der Dussen (Imperial Lions), Junior Dala (Momentum Multiply Titans), Lutho Sipamla (Imperial Lions), Wiaan Mulder (Imperial Lions), Sisanda Magala (Imperial Lions), Kyle Verreynne (Six Gun Grill Cape Cobras), Daryn Dupavillon (Hollywoodbets Dolphins), Lizaad Williams (Momentum Multiply Titans).

Isikwadi semidlalo yeT20 simi kanje:

Temba Bavuma (captain, Imperial Lions), Bjorn Fortuin (Imperial Lions), Beuran Hendricks (Imperial Lions), Reeza Hendricks (Imperial Lions), Heinrich Klaasen (Momentum Multiply Titans), George Linde (Six Gun Grill Cape Cobras), Rassie van der Dussen (Imperial Lions), Janneman Malan (Six Gun Grill Cape Cobras), Sisanda Magala (Imperial Lions), Dwaine Pretorius (Imperial Lions), Tabraiz Shamsi (Momentum Multiply Titans), Lutho Sipamla (Imperial Lions), Kyle Verreynne (wk, Six Gun Grill Cape Cobras), Pite van Biljon (VKB Knights), Migael Pretorius (VKB Knights), Lizaad Williams (Six Gun Grill Cape Cobras), Wihan Lubbe (Warriors).

Email: editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.