UMahlambi usephinde waduka nemihlambi, akalubhadanga kwiSundowns

UMahlambi usephinde waduka nemihlambi, akalubhadanga kwiSundowns
UPhakamani Mahlambi
UDABA: Njabulo Shezi
ISITHOMBE: Facebook

Njengoba iMamelodi Sundowns isiqalile ukuzilolonga ilungiselela isizini entsha uPhakamani Mahlambi usaduke nemihlambi akabonwa nangokhalo ekhempini yeBrazilians.

UMahlambi ubebolekiswe kuMaZulu FC ngesizini edlule kanti bekulindeleke abuyeke kwiSundowns ukuze bamhlole babone bayamgcina yini kulokhu. Kodwa Impempe ngoLwesibili ithole ukuthi akabonakali enkambini yaleli qembu.

Kuvela ukuthi akafikanga futhi akwaziwa nokuthi ulaphi njengoba kade ezanywa engatholakali. Unyamalala nje uMahlambi izinto azimhambelanga kahle oSuthiwni njengoba kuphele isizini lungasamfisi selujahe abuyele kwiSundowns.

Njengoba kuvuleke newindi lokudayiselana ngabadlali, kuke kwavela imibiko ethi kwayona iSundowns ibisisezinhlelweni zokumfaka amasondo njengoba leli qembu lizama ukuphungula umthwalo ukulungiselela isizini entsha ka-2020/21.

UMahlambi wafika kwiSundowns ngomusa wowayengumqeqeshi wayo, uPitso Mosimane owamlanda ebulawa ukukhuhla ibhentshi kwi-Al Ahly e-Egypt lapho adlala khona imidlalo engu-12 wavalela enethini igoli elilodwa.

Kuzokhumbuleka ukuthi lo mdlali wathathwa yi-Al Ahly ngemuva kokwenza kahle ngesikhathi egijima kwiBidvist Wits (esiyaqedwa) kwiPSL nokulapho adlala khona imidlalo engu-27 washaya amagoli ayisishiyagalolunye.

KuMasandawana ufike khona wadlala imidlalo engu-26 washayela leli qembu amagoli amane ngaphambi kokuthi bambolekise ku-AmaZulu. Ufike eThekwini izinto zambimba njengoba umqeqeshi woSuthu, uBenni McCarthy engagculisekanga neze ngaye.

FUNDA NALA: UZuma uthi isibhaxu seWydad sayivusa emaqandeni iChiefs kwiChampions League

UMCarthy wakhala ngalo mdlali ngendlela ayeziqeqesha ngayo ethi ayikhombisi ukuzimisela. UMahlambi uke waba yingxenye yamaqembu esizwe alapha ekhaya njengoba ebenemidlalo eyisikhombisa neqembu le-Under 23. Washaya igoli elilodwa kanti kwiBafana Bafana udlale kabili.

Amahlebezi akhomba lo mdlali kwiChippa United eqeqeshwa osanda kuthatha izintambo uGavin Hunt. Umahlambi uke wasebenza noHUnt kwiWits futhi nguye lo mqeqeshi owamkhuphula esuka enkulisa.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.