UMahlangu uciphize izinyembezi ebonga ukwesekwa kumaParalympics

UMahlangu uciphize izinyembezi ebonga ukwesekwa kumaParalympics
UNtando Mahlangu
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Usebonge lonke iqembu laseNingizimu Afrika uNtando Mahlangu owine amagolide amabili kuma-Paralympic Games ka-2020, eTokyo eJapan.

Iqembu lakuleli lihlangatshezwe yizinkumbi zabalandeli e-OR Tambo Airport ngoMsombuluko ntambama.

Leli qembu libuye nezindondo eziyisikhombisa okungamagolide amane, isiliva nezethusi ezimbili.

NgoLwesihlanu uMahlangu ubashiye bebuka umhlane wakhe, ngesikhathi ewina kowamanqamu kwi-200m T61.

Ngaphambi kwalokhu ubevele esewine igolide kwiLong Jump. “Kuningi engifuna ukukusho futhi ngizizwa nginesibibithwane,” kusho uMahlangu.

“Ngiyayithanda indlela engamukelwe ngayo ngesikhathi ngitheleka ekhaya. “Engikuthandayo ukuthi besibumbene futhi sesekana kakhulu njengeqembu laseNingizimu Afrika.

“Kumnandi kakhulu ukuba sekhaya futhi ngiyajabula kakhulu ukuthi bengimele izwe lami. Kuyinto enkulu kimi ukubona ukuthi abantu bajabule kanje.

FUNDA NALA: Uyabasola abadlali ababalekela zinselelo phesheya babuye ekhaya uMere

“Vele yilokho ebengikuhlosile ngesikhathi ngiya eTokyo. Bengifuna ukufaka ugqozi kubagijimi abasebancane baseMzansi, bengifuna ukujabulisa abantu baseNingizimu Afrika.

“Ngethemba ukuthi ngenze konke okusamandleni ami ukumela iNingizimu Afrika ngokwethembeka.”

Ikusasa libukeka liqhakazile kakhulu kuMahlangu ngoba eseneminyaka engu-19 nje kuphela. Ngo-2016 eneminyaka engu-14 wafika, eRio eBrazil, kwezwakala ephuma endaweni yesibili kwi-200m.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.