UMahlasela uthi iRoyal AM izivunela izithelo zokuzikhandla

UMahlasela uthi iRoyal AM izivunela izithelo zokuzikhandla
UKabelo "Skudu" Mahlasela
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

IRoyal AM isematheni kuleli zinsuku kulandela ukwenza kahle kwayo emdilalweni emibili edlule yeDStv Premiership.

Leli qembu laseMgungundlovu liyazitamuzela nje kwelihlangana nawo njengoba inethi liyazi lapho ingakhona – lishaye amagoli ayisishiyagalombili emidlalweni emibili edlule.   

IMaMkhize Boys iyiqale ngegiya eliphansi isizini kwaze kwavela ukuthi abaqeqeshi abaholwa nguJohn “Vul’igate” Maduka bangase bakhonjwe indlela.

Bahlulwa yiSwallows FC emdlalweni wokuqala yize babedlala kahle. Kwalandela esinye isibhaxu esavulelwa yiCape Town City.

Kodwa kwemithathu edlule yiyo iMaMkhize Boys esidedela induku. Yaqala ngeChippa United iyibhaxabula ngo 1-0.

Yabe seyilandelisa ngeKaizer Chiefs iyithela ngehlazo lika 4-1 kanti ngempelasonto edlule likwenze kwiTS Galaxy lokho, liyititinya ngo 4-2.

UKabelo Mahlasela ungomunye wabadlali abenza kahle kakhulu kuleli qembu lesiqumama esingenqeni ukuchoma ngokukhazikhazi bempilo yaso uShauwn “MaMKhize” Mkhize.

USkudu, okuyigama uMahlasela aziwa ngalo ebholeni, uthi kodwa okuhle okwenzeka enkundleni kuqala ejimini la bezikhandla khona.

Uqokwe njengomdlali ovelele ngeSonto ngemuva kokwenza kahle waze wengeza ngokushaya igoli lesine.   

“Ngifisa ukubonga ozakwethu, lokhu kungumphumela wokuzikhandla kwethu ejimini,” kusho uSkudu ngemuva komdlalo.

“Njengoba besiwine ngo 4-1 kwiChiefs, ingcindezi beyiningi kwazise abantu abaningi bebebheke ukubona akuthukanga yini ucilo uzishayisa endukwini.  

“Ngiyacabanga ukuthi namuhla sikhombisile ukuthi siyazikhandla ejimini nasemdlalweni,” kusho lo mdlali omfishanyana kodwa onomjiko omuhle.

Uveze ukuthi uyayijabulela indawo umqeqeshi uMaduka amdlalisa kuyo yize imphoqa ukuba asebenze ngokuphindiwe kunale abeyidlala phambilini.

“Umqeqeshi uyakholelwa kimi, nawo wonke umuntu eqenjini uyangethemba. Angidlali indawo ebengijwayeleke kuyo kaNombolo 10. 

FUNDA NALA: U-Otladisa uthi iyohambe isinda iChiefs abebeyihubhisa izithunzi

“Kulokhu ngidudulelwe kuNombolo 6 la kufuneka usebenze kanzima impela futhi yilokho engikwenzayo kuyo yonke imidlalo. Ngiyazikhandla.”

Ngale wini, iMaMkhize Boys yenyukele endaweni yesine la isilandela khona iMamelodi Sundowns ngamaphuzu amane ngemuva kwemidlalo emihlanu.

Izoba nomdlalo onzima ngeSonto njengoba izobhekana nomkhaya bayo baseMgungundlovu iMaritzburg United.

Nokho lo mdlalo uzodlalelwa eChatsworth Stadium eThekwini ngenxa yokuthi lamaqembu axabana ebanga iHarry Gwala Stadium kumasizini edlule.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.