UMajavu uthi akukho cala elizophazamisa ukusongwa kweligi kulokhu

UMajavu uthi akukho cala elizophazamisa ukusongwa kweligi kulokhu
UZola Majavu
OkaDonga Gumbi

Umshushisi wePremier Soccer League (PSL) uZola Majavu useveze ukuba nethemba elikhulu lokuthi isizini izosongwa kahle kulokhu kungekho amacala alengayo.

Phela isizini ephelile yathi iphela kwakukhona abagijimisana ezinkantolo ngenxa yamacala ayengakapheli iakjhulukazi leli leRoyal AM neSekhukhune United.

Mhlawumbe yikho lokho okwenza iPSL ibuyise uMajavu kulesi sikhundla sakhe ake wasibamba phambilini futhi kusebenzile ngoba amava akhe abonakalile.

Wonke amacala abelethwa kuye ukwazile ukuwashushisa awaqedelele ngesikhathi njengoba ngisho leli leKaizer Chiefs lokudikila imidlalo ekwazile ukuligoqa ngokushesha.

“Ngingakuqinisekisa ukuthi njengamanje awekho amacala esinawo angase abambezele ukusongw akweligi,” usho kanje uMajavu. 

FUNDA NALA: UMlambo uveza obekwenza alizwe ngendaba ijezi Osuthwini lusaphekwa uBenni

“Nokho, ngeke sithi ngeke kwenzeke ukuthi kube khona avukayo kodwa engingakusho wukuthi uma eba khona alethwa kimi, ngiwalungele.

“Sikulungele ukuwasebenza ngokushesha ngendlela ekhombisa inhlonipho kuzo zonke izinhlaka ezithintekayo nangokulandela imithetho.

“Ngakho ngokwesimo sezinto njengamanje, asiboni kukhona izinselelo esizoba nazo. Uma ziba khona, uphiko lobulungiswa lwePSL liwumshini oshelelayo okulungele ukubhekana nawo.” 

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.