UMajavu uveza ukuthi iPSL iyaludlulisa olwesinqumo ngodaba lweChiefs

UMajavu uveza ukuthi iPSL iyaludlulisa olwesinqumo ngodaba lweChiefs
OkaDonga Gumbi

IPremier Soccer League ifuna siyobuyekezwa isinqumo sikamahluleli u-Advocate Nassir Cassim esavuna iKaizer Chiefs ngokungayidlali kwayo imidlalo emibili yeDStv Premiership ngoDisemba.

Lolu daba bekumele luqedelwe ngoMsumbuluko kodwa lwaphinde lwahlehliswa njengoba kusazolindwa umphumela wokubuyekezwa kwesinqumo sikaCassim.

UCassim wanquma ukuthi iChiefs yenza kahle ngokuyeka le midlalo njengoba yayibhekelela izimpilo zabadlali.

IChiefs yayihlaselwe ukhuvethe lweCovid-19 ngaleso sikhathi kodwa isicelo sayo sokuba imidlalo yayo ihlehle sachithwa yiPSL.

IChiefs ikhiphe isitatimende incoma lesi sinqumo kodwa yaphinde yakhipha esinye iveza ukuthuswa kwayo yisinqumo sePSL sokuthi isibuyekeze lesi sinqumo.

UMajavu ube esecacisa ukuthi nebala isicelo sokuba lesi sinqumo sibuyekezwe sesifakiwe futhi sekuzolindwa umphumela wakhona ngaphambi kokuba luphethwe lolu daba.

“Udaba lwaluhlehliselwe umhla ka-28 kuya ku-30 Mashi ngenxa yokuthi kwakulindwe isinqumo sokamahluleli,”  kusho uMajavu.

FUNDA NALA: UMapule ufuna ukuselamanisa ngezinye isicoco sakhe

“Umahluleli usikhiphileke isinqumo sakhe ngomhla ka-18 kuMashi, kwathi ngemuva kwalokho iPSL yakuveza ukuthi izosidlulisela phambili ukuba siyobuyekezwa.

“Ngenxa yalokho, kuthe udaba lokuqondiswa kwezigwegwe lubuyiswa namuhla, ngalususa ohlwini lwamacala esinawo.

“Nokho ilungelo lokuphinde ngilubheke nginalo uma sekuphume umphumela wokubuyekezwa kwesinqumo sikamahluleli.  

“Ngalesi sikhathi kusalindwe lokho, ngeke ngiphawule ngalolu daba futhi ngizolinda umphumela wokubuyekezwa kwesinqumo kuqala.

“Okwamanje lolu daba luhlehlisiwe,”  kuchaza uMajavu ngoMsombuluko ntambama.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.