UMakaab uveze ubumbulu beChiefs ngoSipho Mbule

UMakaab uveze ubumbulu beChiefs ngoSipho Mbule
USipho Mbule obehalelwa yiKaizer Chiefs kodwa wagcina kwiMamelodi Sundowns
OkaDonga Gumbi

Umphathi weProSport international, uMike Makaab ubuveze obala ubumbulu beKaizer Chiefs ngodaba lukaSipho Mbule ogcine esayinwe yiMamelodi Sundowns.

IChiefs yakuveza ukumhalela kwayo uMbule ngesikhathi kuvela ukuthi akasafuni ukuhlala kwiSuperSport United kanti lokhu kwashiya abalandeli bayo beconsa amathe.

Naye uMbule wasiveza isifiso sakhe sokuya eNaturena hhayi eChloorkop nokuyingakho kudangale abaningi uma esevumbuka kwiSundowns.

Nebala ke uMakaab, inkampani yakhe okuyiyo ephethe uMbule, wabe eseqala izingxoxo namaqembu ayeveze izifiso zokuthi eze kuwo.

Ekhuluma kwiGagasi FM ngoMsombuluko kusihlwa, uMakaab uthe akahlambuluke kwazise abanye babalandeli beZimpofana bebesola yena ngokuthi akayifuni iChiefs.

“Impema abemane amaqembu ayekhombise ukumthanda uSipho Mbule kanti amabili awo kwakukhulunywa ngawo kwabezindaba okuyiSundowns neChiefs,” kusho uMakaab.

“Kodwa iChiefs ayizange isifake isicelo esisemthethweni sokumthenga lo mdlali kwiSuperSport United okuyiyo enelungelo lokumdayisa.

FUNDA NALA: Kuzoqopheka umlando uma iChiefs, Pirates neSundowns beqeqeshwa abakuleli bonke

“Yingakho sagcina sesibheka isicelo seSundowns, saxoxa ngaso nomdlali wabe esengiyalela ukuthi ngiqede izingxoxo nayo.

“Thina njengabaphathi babadlali asibayaleli ukuthi baye kumaphi amaqembu kodwa sigcina ngokubabonisa nje kuphela.

“Akukhona ukuthi kuhujwa imali, kodwa phela ibhola wumsebenzi osheshe uphele ngakho umdlali kumele enze imali enhle uma isikhathi sisamvumela,” kuchaza yena.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.