UMakaab uyikhahlela ngazo zombili ekaMbule neChiefs

UMakaab uyikhahlela ngazo zombili ekaMbule neChiefs
USipho Mbule
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Usebhoke wakhahlela echitha imibiko ematanisa uSipho Mbule neKaizer Chiefs noma naliphi ke nje elinye iqembu uMike Makaaab.

Lesi sikhulu seProSport International, okuyinkampani emenenja uMbule, sithe akukho qembu osekusondele ukuthi liqede konke nalo mdlali weSuperSport United.

Bekuke kwagcwala imibiko ezinkundleni zokuxhumana ebithi uMbule kungase kuphele leli sonto esengumdlali weChiefs.

Bekuthiwa Amakhosi naMatsatsantsa a Pitori sekusele kancane baqede konke okumele bavumelane ngakho ngaphambi kokuthi kudayiselwane.

Kodwa uMakaab usevele wawubhunyela ngamanzi abandayo lowo mlilo. AKazange nokho alikhiphe ngomlomo igama leChiefs.

“USipho Mbule usenenkontileka yesikhathi eside kwiSuperSport,” kusho uMakaab kwi-video eshicilelwe ngiSimtho Dladla weGagasi FM kwiTwitter.

FUNDA NALA: UMthethwa uvuleleka ngesifiso sokukhiqiza umpetha weWBC

“Futhi, ngenxa yokuthi kumele kuhlonishe le nkontileka, indlela okwenzeka ngayo wukuthi noma yiliphi iqembu elimfunayo kumele livumelane ngezimali zokudayiselana neSuperSport.

“Kulapho ke thina njengezimenenja zikaSipho nabantu ababhekelele ikusasa lakhe esiyobe sesingenelela khona ke. Njengamanje ngingasho ngingangabazi ukuthi akukho qembu osekuseduze liqede isivumelwano noSipho Mbule.”

Umqeqeshi weSuperSport, uKaitano Tembo naye ubeke wakuveza ukudineka kwakhe ngale mibiko ematanisa abadlali bakhe namanye amaqembu.

Uthe lokhu kuyabaphazamisa kakhulu abadlali ngoba bagcina bengasazi noma bazohlala noma bayahamba yini eqenjini.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.