UMakgopa uthi ubengakaze azicabange engumdlali

UMakgopa uthi ubengakaze azicabange engumdlali
U-Evidence Makgopa
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter 

U-Evidence Makgopa usegijima kwiBafana Bafana futhi ulithemba lomqeqeshi uHugo Broos.

Kodwa eminyakeni emine edlule ubengakucabangi kwakukucabanga nje ukuba ngumdlali.

Empeleni njengoba ebekhulela emakhaya eLimpopo, uMakgopa ubezitshela ukuthi ukudlala ibhola esigabeni esikhokhelayo ngokwabathile abakhethekile.

Yena ubengaziphuphi nokuziphupha nje eba ngumdlali kuleli zinga yize ebehlale ephethe izithombe zabadlali uma eya eskoleni.

Akafani nabanye abafanyana basemakhaya abaqala ukudlala ibhola beneminyaka emihlanu noma isithupha.

Uthi yena uliqale eseqinaqinile ngenxa yokuthi ubezigxilela esikoleni ngoba engenawo amathemba okuthi kukhona angakuzuza ngebhola.

“Angizange ngilidlale ibhola kuze kube ngineminyaka engi-13. Ngangizidlalela nje lokhu kwasegcekeni.

“Bengizinikele kakhulu esikoleni ngoba ngisho nangamiGqibelo namaSonto bengiba wumuntu wezincwadi.

“Ibanga ebesilihamba uma siya esikoleni lingaphezu kwamakhilomitha ayishumi usaya khona nje,”  kuchaza uMakgopa ekhuluma nabeFifa.Com.

Uthi kukhona ke owambona bedlala khona egcekeni wabe esemnxenxa ukuba ake ayodlala nabanye enkudleni.

“Ngaqala lapho ke ukudlala enkundleni yize ingamagade nje futhi igcwele izintuli.

“Ngaqala ngidlaliswa emuva kodwa ke vele kusuke kungekho ukuthi udlala kuphi emakhaya ngoba wonke umuntu uhubha ibhola la lingakhona.

“Bengingakaze ke kodwa ngaleso sikhathi ngicabange ngokuba ngumdlali. Yinto ekude kabi leyo nomuntu osuka la ngisuka khona.

“Uma uvela ezindaweni ezinjeya kunzima ukucabanga ngokuphumelela empilweni, angisayiphathi ke ngebhola.

“Nganginefayela engangibeka kulo izithombe zabadlali engangizisika emaphephandabeni.

“Ngangilokhu ngibabuka nje uma ngiya esikoleni ngicabange ukuthi cishe kumnandi ukuba yibo, baphila kamnandi.

“Kodwa ukuthi mina ngangingaphupha ngokwenza okufanayo nabo yinto engenzeki.

“Uma wawungafika ngaleso sikhathi ungotgitshele ukuthi ngizoba wumdlali webhola elikhokhelayo, ngangizovele ngikubone sengathi uwuhlanya nje.”

Kuthe ngo-2018 ezidlalela esitekini ngakubo, kanti kukhona amahlwaya ithalente abasuka kwiBaroka FC abambona.

Uthi wathi uma ezwa ukuthi bachazekile wuye, akangakholwa ngoba wayengaziboni engaba kulelo zinga.

“Ngesikhathi ngizwa ngalokho okokuqala, angikholwanga. Iphupho lami mina kwakuwuka nempilo engcono.

“Lokhu yinto nje yasemaphusheni nawo lawa okuzihlanyela nje ngento engeke yenzeke.

“Ngangingaziboni nginekhono ngokwanele ukuthi ngingagcina ngidlala ezigabeni ezikhokhelayo.

“Nganginokungabaza okuningi. Kodwa ngabe sengizitshela ukuthi ‘ngeke ngiliyeke leli thuba. Kumele ngilizame ngibone’.”

FUNDA NALA: Iyaqhuba iSundowns Ladies kwiChampions League

Ezinyangeni ezingu-15 ukusuka lapho uMakgopa wabe esedlubhe ijezi leBafana Bafana emele izwe.

“Kwakungakholakali neze. Bengisadlale esigabeni esikhokhelayo izinyangana nke ezingu-15 manje yimi lo osekwiBafana Bafana emele izwe.

“Nganginovadlwana nje olwalungishaya. Kodwa ngabe sengizitshela ukuthi ‘zehlise, uzikhandle, uyazi ungayenza lento’.

“Kwafezeka iphupho engangingakaze ngibe nalo ngalelo langa. Ngiyakhumbula sengikhuluma nabomndeni ngemuva komdlalo.

“Umama nguyena ohlezi engithumelela imilayezo. Uma sehluliwe, uyangiduduza athi ngizolishaya igoli emdlalweni olandelayo.

“Uma siwine, uyangincoma ngokwenza kahle athi ngiqhubeke ngizikhandle,” kuchaza uMakgopa.

Lo mgadli oneminyaka oneminyaka engu-21 manje useqenjini leBafana elizobheka neZimbabwe ngoLwesine neGhana ngeSonto.

Lena yimidlalo ebaluleke kakhulu njengoba izocacisa ukuthi iBafana iyadlulela yini emzuliswaneni olandelayo wokuhlungela ukungena kwiNdebe yoMhlaba eQatar.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.