UMakhaula upopola ingozi kwiBaroka ebhajwe odakeni lwezembe

UMakhaula upopola ingozi kwiBaroka ebhajwe odakeni lwezembe
UMakhehlene Makhaula
Alfred Ngubane 

UMakhehlene Makhaula ongukaputeni waMaZulu FC ubona izoba yingozi iBaroka FC ephuma endukwini enzima ngempelasonto edlule.

Usuthu luzogadulisana neBakgaga ePeter Mokaba Stadium ngoLwesithathu ngo-5 ntambama emdlalweni okulindeleke ushube.

Womabili lamaqembu ngeke alunge ukulahla amaphuzu manje futhi ayawadinga amaphuzu agcwele kulo mdlalo.

Usuthu lusendaweni yeshumi la lunamaphuzu angu-29 khona, kanti lungase lugcine lungangenanga emaqenjini ayisishiyagalombili aqeda phezulu uma lungaqhubeka nokubhacaza.

Aluqhelile futhi kangako ezembeni. IBaroka yona isenkingeni enkulu njengoba indoda yezembe ilokhu isina qede iyijeqeze nje.

Emidlalweni engu-23, iBakgaga kaKgoloko Thobejane isaqoqe amaphuzu angu-17 kanti yiyo esemsileni.

Ngempelasonto edlule ishayeke kabana kwiCape Town City eyibhuquzise ngo 5-1 eKapa.  Usuthu luzoyifica isazikhotha amanxeba, okuyinto uMakhaula ayibona ingozi kuyo.

FUNDA NALA: UZongo uthi yena akasayibuki le ndavundavu edlalwa kwiPSL manje

“Ngicabanga ukuthi kuzoba wumdlalo omuhle, sizilungiselele kahle futhi yonke into ikahle nje,” kusho uMakhaula.

“Uyazibonela nje nangendlela isimo esiyiyo lapha eqenjini, ukuzinikela nokulwela izindawo zokuqala umdlalo kusezingeni elihle kakhulu.

“Sonke sifuna ukungena eqenjini elizoqala umdlalo. Yize iBaroka ithole uswazi luka 5-1 emdlalweni wayo wokugcina, kuzoba wumdlalo onzima nalona njengoba besekhaya nje.

“Siyazi bazobe befuna ukukhipha isibhongo ngakho silindele umdlalo onzima impela,” kusho lo mdlali owazakhela igama kwiFree State Stars.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.