UMakhaula usola ukufulathelwa yinhlanhla kuMaZulu

UMakhaula usola ukufulathelwa yinhlanhla kuMaZulu
UMakhehleni Makhaula
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

UMakhehleni Makhaula ongukaputeni waMazulu unokukhathazeka ngenxa yokulahleka kwenhlanhla yokunqoba imidlalo kwiDStv Premiership kuel sizini.

UMakhaula ubekhuluma neMpempe wathi sebedlale imidlalo eyishiyagalombili ngokulingana okuyinto ebaphoxayo.

Nakuba kunjalo, uthi abaqeqeshi basebenza kanzima ukuqeda ishobolo lokunganqobi koSuthu.

Uphinde waveza ukuthi njengoba bedlala imidlalo yeCAF champions League ucabanga ukuthi kunomthelela omkhulu njengoba iningi labo alikaze lidlale kuleli zinga.

“Kumele sizethule wona lo mthwalo ngokuthi siqale ukuwina uma sisekhaya ukuze sikwazi ukubhalansisa kahle.

“Sinabalandeli abazigqajayo ngathi nabafuna ukusibona senza kahle okungamele sibaphoxe.

“Sinethimba labaqeqeshi elisezingeni elihle kakhulu futhi lenza umsebenzi omuhle,” kusho uMakhaula.

FUNDA NALA: ‘IChiefs izidonsela amanzi ngomsele ngokugoloza ukudlala’ 

Umqeqeshi waMaZulu uBenni McCarthy naye uhambe emazwini kaMakhaula wathi bashoda ngenhlanhla yokuvalela amagoli njengoba amathuba bawakha.

Uphinde waveza ukuthi ubona ukuthi kuza isimo esinzima ngenyanga ezayo njengoba kuzobanjwa i-Orange Africa Nations Cup eCameroon wathi lokhu kuzobaphazamisa kakhulu.

Amaqembu akuleli azoba nekhefu elicishe libe yizinyanga ezimbili ngesikhathi kuqhubeka le midlalo eCameroon.

AmaZulu aphinde ahluleka ancama ukushaya igoli ngempelasonto njengoba ebambane nomkhaya iMaritzburg United ngo 0-0.

Izobheka ukwenza kangcono uma seyibhekene ne-Orlando Pirates ngoLwesithathu kusihlwa eMoses Mabhida Stadium.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *