UMakhaula uthi Usuthu lungaziqhatha lona nenduku kwiCasablanca

UMakhaula uthi Usuthu lungaziqhatha lona nenduku kwiCasablanca
UMakhehleni Makhaula
OkaDonga Gumbi

Ukaputeni waMaZulu FC uMakhehleni Makhaula iqembu lakhe ulithemba ngendlela yokuthi uthi yibo abazoziqhatha nenduku uma sebebhekene neRaja Casablanca emdlalweni wabo wokuqala kwiCaf Champions League.

Usuthu luzoqala umkhankaso walo esigabeni samaqoqo ekuhambeni eMorocco la kulindeleke luthwale kanzima khona.

Nokho uMakhaula uthi indlela abazilungiselele ngayo ibenza babenethemba lokuthi bazobuya behleka kuleliya lizwe elisenhla ne-Afrika.

“Ngicabanga ukuthi kuzoba wumdlalo onzima lona. Kodwa sizilungiselele kahle. Abaqeqeshi basitshelile konke okumele sikulindele nokumele sikwenze enkundleni.

“Ekugcineni kwakho konke kodwa kulele kithi njengabadlali ukwenza lokho esikucetshisiwe ngesikhathi sizilungiselela lo mdlalo.

“Uma singakwenza ngendlela efanele futhi ngicabanga ukuthi yithi esingaziqhatha nenduku kulo mdlalo. Uma sifuna ukuwina, singawina,” kusho uMakhaula.

FUNDA NALA: ULekgwathi uncoma uzinzo olufike noNdah emuva kwiPirates

Usuthu ludlala okokuqala kulo mqhudelwano kodwa lunabo abadlali abanamava kulo mqhudelwano njengoba sebeke badlala kuwo phambilini.

Kulabo singabala oKgotso Moleko noPhilani Zulu abebekwiKaizer Chiefs ngesikhathi idlala lo mqhudelwano ngesizini edlule. Sekukhona u-Abubaker Mobara owayegijima kwi-Orlando Pirates phambilini.

“Yinto enkulu kithi lena. Kufezeka iphupho kithi ukudlala kulo mqhudelwano. Sinabo abanamava akhona abazosisiza ukusijwayeza leli zinga.

“Bazosisiza sibhekane nengcindezi yakuleli zinga. Sizolwa ngayo yonke into esinayo,” kusho uMakhaula.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.