UMakhubela ubenelisile abaqeqeshi bePirates eqala ukudlala

UMakhubela ubenelisile abaqeqeshi bePirates eqala ukudlala
UNtsako Makhubela
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Umqeqeshi obambile we-Orlando Pirates uFadlu Davids useveze ukweneliseka kwabo ngomdlali wabo omusha uNtsako Makhubela.

UMakhubela usayine kwiPirates sekusondele ukuba kuvalwe iwindi lokusayina abadlali ekupheleni kwenyanga edlule.

Lo mdlali osuka kwiGolden Arrows uqale umdlalo wakhe wokuqala kwiPirates ngesikhathi beshaya iSwallows FC ngempelasonto.

“UNever-die ufike wangena khaxa eqenjini,” kusho uDavids. UNever-die igama lesibilika likaMakhubela odle ngomjiko osheshayo obheke phambili.

“Ungene washeshe wajwayelana nabanye abadlali. SIyamazi ke ukuthi udlala ezindaweni eziningi ezehlukene.

“Usebenze kahle kakhulu ekutheni asize uma sifuna ukubacindezela sibavimbe bengaqali iminyakazo yabo emuva.

“Noma ngabe kumele angene phakathi kwezikhala noma kufanele alilande emuva ahambe nalo ayohlasela, ubekwenza kahle lokho.”

UDavids uthe uMakhubela uqale ngegiya eliphansi kodwa waya ngokujwayela ngokuhamba komdlalo wagcina esengomunye wababalulekile.

FUNDA NALA: UMokwena uthi uMaluleka ubaluleke ngokufanayo noThemba Zwane kwiSundowns

“Nokho usheshe wajwayela okukhombisa ukuthi ungumfana oqinile emoyeni ngoba ukhombise ukunegsabi ukuthi udlala okokuqala kwiPirates.

“Indlela aqale ngayo beyingamenza bese ecasha kodw ayena uvele wasukuma wazithatha wagcina esedlala ngale ndlela ebesiyilindele.”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.