UMaleka usale ekhexile iGallants idedela amaphuzu isiwaphethe

UMaleka usale ekhexile iGallants idedela amaphuzu isiwaphethe
UNdabayithethwa Ndlondlo
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Usale ephoxekile uMpho Maleka oyiphini lomqeqeqeshi kwiMarumo Gallants, ngemuva kokuthi iqembu lakhe lidedele iwini seliyibambile.

EzikaMaleka zike zahamba phambili ngo 2-0 zibhekene neRoyal AM kodwa umdlalo weDStv Premiership wagcina uphele ngo 2-2 ngoLwesibili ntambama.

Umdlalo bewuye ekhefini kungu 0-0 kodwa iGallants yashaya amagoli amabili ngokushesha.

Nokho ezikaShauwn “MaMkhize” Mkhize, zibuyile zashaya amagoli okulinganisa zabuya nalo iphuzu.

“Siphoxekile kakhulu ngalokhu okusanda kwenzeka. Siyilandelile kahle indlela ebesihlelele ngayo
umdlalo wethu.

“Bekumele sisebenzise amathuba ethu,” kusho uMaleka ngemuva komdlalo.

“Ekugcineni ngesikhathi sekumele siqede umdlalo, asikwenzanga lokho, sahluleka ukubeka imiqondo
yethu emdlalweni.

“Namuhla sishaye amagoli amabili kodwa sidedele amabili. Yilapho siphoxeke khona kakhulu.

“Singasho sithi singaqhubeka nalo mgqigqo, ukuzethemba kukhona.

“Abadlali bawenzile umsebenzi wabo kodwa kumele sisebenze ekutheni senzenjani emizuzwini yokugcina ebalulekile.”

Njengoba ekhuluma ngemizuzu yokugcina nje uMaleka, igoli lokulinganisa lingene sekusele imizuzwaza nje ukuthi kuphele umdlalo.

IGallants ibikudinga kakhulu ukuwina lo mdlalo ngoba selokhu kuqale isizini ayiyazi iwini.

FUNDA NALA: Bazozitika ngoweChiefs nePirates eMelmoth

Leli qembu liyivale ekugcineni ngokulandelana neTS Galaxy, nayo esadonsa kanzima emidlalweni yeligi.

Emidlalweni eyisithupha iGallants isadlale ngokulingana emithathu yase ishaywa kwemithathu.

Emdlalweni olandelayo weligi izobhekana neStellenbosch FC eDanie Craven Stadium ngo-Okthoba 27.

“Sizothatha okuhle esikwenze namuhla sibheke phambili. Abafana benze kakhle kakhulu ngokokudlala namuhla, ngendlela abadlale ngayo.

“Siphoxekile kodwa ngokudedela amaphuzu amathathu ngemizuzwana yokugcina eyishumi,” kuphetha uMaleka.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.