UMalepe ufuna Usuthu ludlulele nawo kwiligi umfutho wokuwina

UMalepe ufuna Usuthu ludlulele nawo kwiligi umfutho wokuwina
UTercius Malepe
OkaDonga Gumbi

AmaZulu FC asedlale imidlalo eminingi kwiDStv Premiership ngokulingana okuyinto ekhinyabeze izinhloso zalo kule ligi kule sizini, kodwa uTercius Malepe usefuna kujike lokho

UMalepe ukholwa wukuthi ukuwina koSuthu ngo 1-0 lushaya iHoroya AC emdlalweni weCaf Champions League ngempelasonto kubanike umgqigqo abebewudinga.  

Usuthu lubuyela emidlalweni yeligi ngomdlalo ongelula oluzobhekana kuwo neTS Galaxy eMoses Mabhida Stadium ngoLwesibili kusihlwa.  

“Sinomdlalo weligi ozayo. Manje sekumele sijike imiqondo siyibhekise emidlalweni yeligi. Sithole iwini kwiCaf okube yinto enhle kakhulu.

“Kodwa manje sekumele siwubambe singabe sisawudedela lowo mgqigqo ukuze sithole amanye amawini,” kusho uMalepe obegijima kwiChippa United ngesizini edlule.  

“Sizophinde sibe sekhaya kulo mdlalo wethu neTS Galaxy futhi siyazama ukuthi ifike sesisesimweni esihle kwazise imidlalo isondelene kakhulu.

“Kodwa yinto esingeke siyishintshe leyo. LOna ngomunye umdlalo okumele siye kuwo ngomqondo wokuyofuna iwini.”

FUNDA NALA: Ishiphelene kwabesibhakela KwaZulu-Natal

Njengoba ebedlala kwiChippa la bebevika khona izembe cishe wonke amasizini, uMalepe uyazi ukuthi yini okumele bayilindele kwiGalaxy esesimweni esifanayo.  

“Uma udlala namaqembu angasemsileni kwilogi kumele uqaphelisise ngoba balwela izimpilo zabo labo bantu.

“Ngeke sizitshele ukuthi, ‘hhayi bayiqembu elincane ngakho kuzoba wumdlalo olula lona kithi.’ Uzoba nzima ngokwedlulele lo mdlalongoba bazosijaha laba bantu.

“Bazokwenza konke abangakwenza ukuze bathole amaphuzu ngoba uma sikhululam iqiniso bayawadinga.

“Nathi siyawadinga ngoba seyiminingi imidlalo esilahle kuyo amaphuzu ngokudlala ngokulingana kodwa ukuwina kwiCaf sekusibuyisele umfutho wethu.

“Kuhlezi kumnandi ukuwina imidlalo. Kuzoba wumdlalo onzima lona kodwa sesiwulungele,” kusho uMalepe owake waba semabhukwini e-Orlando Pirates.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *