UMalesela kumjabulisile ukuvuka bazithathe kwabadlali kwiNedbank Cup

UDan Malesela oqeqesha iChippa United ujabulile ngokuthi baphunyuke kwiFree State Stars

MTHOKOZISI MNCUSENI

‘Ukubona umdlali ehluleka aphinde avuke azithintithe abheke khona aphinde azame futhi ukulungisa iphutha elidalwe nguyena lize lilunge uma kwenzeka, iyona kuphela into engiyifuna kumdlali.’

Lo okhuluma la omunye wabaqeqeshi abambalwa abakholelwa ekudlaliseni ibhola laseNingizimu Afrika elaziwa ngeDiski, uDan “Dance”  Malesela.

Kuliqiniso-ke nokho ukuthi abanye osihlalo abezwani nalolu hlobo lwebhola ngoba yize libukeka liheha phambi kwabantu, alivamisile ukukhipha imiphumela esuke idingeka ngaphandle uma unguTim Sukazi weTS Galaxy.

Kungenzeka ukuthi uSiviwe “Chippa” Mpengesi noSukazi okungosihlalo bamaqembu amabili ahlale ephambana kuwona uMalesela, bayalithanda leli bhola elidla utshani nomjiko kusuka emuva kuze kuyofika phambili.

Njengamanje ukwiChippa asebuyele kuyona okwehlandla lesine esuka kwiTS Galaxy adle nayo isicoco seNedbank Cup nayo axoshwa aphinde aqashwe kuyona kuyiwona.

Kubukeka sengathi kukhona akuhlanganisayo kwiChilli Boys kwazise njengoba esanda kubuya muva nje, siyabonakala isandla sakhe endleleni iqembu elidlala ngayo kanjalo nangemiphumela.

Ufake iChippa kwi-Last 16 yeNedbank Cup ngokunqoba kwiFree State Stars sekukhahlelwa amaphenathi.

“Silulande thina utalatiya salufaka endlini. Bekulula ukunqoba lo mdlalo kodwa kuthe sekusele umzuzu owodwa sabavumela bashaya igoli lokulinganisa.

“Ngesikhathi esengeziwe inkinga ivele yaba nkulu kakhulu sekuyibona-ke manje abashaya igoli obekusho ukuthi bese silandela ngemuva okokuqala emdlalweni kanti nemizuzu ibiya ngokuya iphela.

“Kulapho ngibusiseke khona. Engikufunayo kubadlali ukuthi benze kahle. Uma bengenzi kahle balibone iphutha labo bese besebenza kakhulu ukulilungisa.

“Konke lokhu ngikubonile kubadlali bami, yize kucishe kwasha,” kusonga uMalesela sakuncokola.

Lo mdlalo obuseNelson Mandela Bay Stadium, uphele ngo 2-2 iChippa yawina ngamaphenahti kuba ngu 4-3.

 

email: mthokozisi@impempe.com

twitter: @MthokozMncuseni

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.