UMalesela ubonga isibindi sikaNdlovu ngokuwina kwiBucs

UKing Ndlovu
Sihle Ndlovu

Umqeqeshi weMarumo Gallants, uDaniel “Dance” Malesela, uncoma unozinti wakhe, uKing Ndlovu, ngokuba nesibindi sokuthatha iphenathi ewinise iqembu kwiNedbank Cup Last 16.

IGallants ishaye i-Orlando Pirates ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi, ngemuva komdlalo ophele ngo 1-1 emizuzwini engu-120. Iphenathi yokuwina ishaywe wuNdlovu kulandela ukugeja kwabadlali baGallants, kanjalo nabeBucs, kulandelana.

“Ngiyakubonga kakhulu okwenziwe unozinti, nokuba nesibindi sokuthi, bafwethu angisafuni ukuthi nilokhu nigeja manje,” kusho uMalesela ehleka.

“Uthe akube yimina manje oshaya iphenathi ngoba ngizamile ukuvimba. Yinto enhle kakhulu leyo, sesizokhohlwa yilo mdlalo sibheke kuMashi 16.”

Lo mqeqeshi uvumile ukuthi amathuba okuwina umdlalo, abengekho ngakubona kakhulu yize nabo bewatholile awabo.

“Bekungumdlalo onzima futhi ubungawinwa yinoma yiliphi iqembu. Ukukhuluma iqiniso, bathole amathuba amaningi kunathi,” kusho uMalesela.

“Nokho nathi siwatholile amathuba ethu, futhi sibe nelihle kakhulu ngasekugcineni komdlalo kodwa sangalisebenzisa. Okubalulekile ukuthi ekugcineni sikwazile ukuwina umdlalo.

“Ukuthi siwine ngamaphenathi akunandaba, uma uwina umdlalo usuke uwuwinile. Besingathanda ukuwina umdlalo emizuzwini engu-90, singayi ngisho esikhathini esengeziwe.

“Ngiyajabula ngendlela abadlali abadlale ngayo, bekungelula neze. Ngethemba ukuthi lokhu kuzoqhubeka. Ukuzimisela okukhonjiswe abafana kube kukhulu kakhulu.”

IGallants izobuyela enkundleni ngokubhekana neChippa United emdlalweni weDStv Premiership ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoMashi 16.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *