UMalesela ucasulwa amaphutha eqenjini lakhe

UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Ucasulwa ukuthi bayeke i-Orlando Pirates yabuya kalula umqeqeshi weMarumo Gallants uDaniel “Dance” Malesela emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesibili.

IGallants ibihamba phambili ngo 1-0 kulo mdlalo kodwa yadedela iBucs ukuthi ishaye amagoli amabili emizuzwini emibili umdlalo wagcina uphele ngo 2-1.

EzikaMalesela bezibekwe phambili yigoli likaSiphelele Ntshangase kodwa wabuya uKwame Peprah washaya asheshayo amabili ePirates kulo mdlalo obuse-Orlando Stadium, eSoweto.

“Siphinde sazigwaza ngowethu futhi. Indlela abashaye ngayo amagoli yilapho umdlali wethu ofanayo enze khona amaphutha amabili,” kusho uMalesela.

“Yinto engemnandi lena ngoba ngezinye zezinto esizifundisayo. Sihlale sisho ukuthi umdlali akaphase ibhola, ugweme ukugijima nebhola sonke isikhathi noma bekhona abantu ongabaphasela.

“Besingakugwema kalula lokhu. Kalula nje, siqhubeke sihambe phambili ngo 1-0 mhlawumbe sidlale kangcono singenayo ingcindezi. Akukuhle neze kithina lokhu.”

UMalesela ubeseshaywa okwesibili selokhu ethathe izintambo kwiGallants ayifice izabalaza emsileni wayitakula.  IGallants inomdlalo onzima kakhulu ngoLwesine njengoba izobhekana neMamelodi Sundowns eLoftus Stadium, ePitoli, ngo-5.30 ntambama.

ISundowns ibuya ekushayweni AmaZulu FC ngo 1-0 kanti bekungokokuqala kule sizini ithola isibhaxu emdlalweni weDStv Premiership.

Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.