UMalesela ufike nemvula newini yokuqala kwiGallants

UMalesela ufike nemvula newini yokuqala kwiGallants
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter 

Kuyamjabulisa ukufika newini yokuqala kwiMarumo Gallants umqeqeshi wayo omusha uDaniel “Dance” Malesela.

Lo mqeqeshi bekungumdlalo wakhe wokuqala ebambe izintambo kwiGallants ngesikhathi ishaya iSuperSport United ngo 2-1 ngoMgqibelo.

Leli qembu beliyibambe emsileni ngamaphuzu amane. Beliqala ngqa ukuwina umdlalo kwiDStv Premiershi kule isizini.

“Yinto enhle kakhulu ukufika eqenjini uthole iwini yakho yokuqala, nokuyiwini yokuqala yeqembu.

“Kuyajabulisa kakhulu, sibe nemvula ngaphambi komdlalo okubukeke kuyimvula eze nezibusiso,” kusho uMalesela.

“Ngiyabonga ukuthi abadlali bakhombise izimpawu zokwenza lokhu ebesikwenza ejimini, okukhombisa ukuthi bayalalela.

“Bayakwenza lokhu esizama ukukwenza. Yebo, abe khona amaphutha lapha nalaphaya kodwa izinto eziningi abazenzile yizona ebesizilungisa phakathi nesonto.

FUNDA NALA: Yayithengiwe inkabi eyabulala uMeyiwa

“Uma izinto ziqhubeka kanje ikusasa lizokhanya eqenjini lethu.

“Sidinga ukulalela bese senza lezi zinto esizenzayo uma siziqeqesha, konke kuzolunga.

“Ngiyajabula kakhulu ngemizamo yabadlali,” kuqhuba uMalesela owaziwa ngokudansa uma iqembu lakhe lishaya igoli.

IGallants isisendaweni yesibili ukusuka emsileni kanti ngemuva kwayo kukhona iTS Galaxy abashiyana nayo ngamaphuzu amabili kuphela.

NgeSonto iGalaxy izobhekana neSwallows FC eMbombela Stadium ngo-3.30 ntambama.

Umdlalo weGallants olandelayo izowudlala neMaritzburg United ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane ngoLwesithathu ngo-5 ntambama.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *