UMalesela uthi bazoyihlonipha iSantos yize eyazi iphetheni

UMalesela uthi bazoyihlonipha iSantos yize eyazi iphetheni
UDan Malesela
OkaDonga Gumbi

Umqeqeshi weMarumo Gallants uDan “Dance” Malesela uthi unolwazi ngokumele iqembu lakhe likulindele kwiSantos abazobhekana nayo kwiNedbank Cup.

IGallants izovovana inkani naleli qembu elingelinye lamadala kuleli ePeter Mokaba Stadium ngeSonto ntambama.

ISantos yiqembu elidala kuleli futhi elalidlala esigabeni esikhulu eminyakeni embalwa edlule. Manje seyidlala kwi-ABC Motsepe League eWestern Cape.

UMalesela uthi uyayazi idlala kanjani. Kudala leli qembu lalidume ngamabhola amade elaliwathumela phambili bese abagadli balo abasheshayo badale umonakalo.

Kuzoheha ke ukubona ukuthi ngabe namanje isadlala ngendlela efanayo yini iPeopl’s Team kaGoolam Allie.

“Lo mdlalo uyafana neminye imidlalo. Sizowuhlonipha. Nginalo ulwazi ngokuthi iSantos idlala kanjani yize kungenzeka bayijike,” kusho uMalesela.

“Kodwa thina sizobathatha ngenhlonipho enkulu bese sibona kwenzekani emdlalweni, sijike okuthile uma kuvela isidingo salokho.

FUNDA NALA: Isale iyidamu inkundla eyakhelwa ukuhlonipha uSangweni eMpangeni

UBra Dan uthi ngeke bakuvume ukuthi baqale bahlale bebukele ukuthi iSantos iza nani kubo, kodwa yibo okumele balawule umdlalo zisuka nje.

“Kumele kube yithi esibaholayo, siwuphathe umdlalo kodwa sizobona kwenzekani emdlalweni bese silungisa uma kukhona okungahambi kahle.

“Abadlali bayakwazi okumele bakwenze thina sizolungisa uma kuvela isidingo salokho,” kusho uMalesela.

Kuzomele iqaphele nokho iGallants ngoba amaqembu aqhamuka kumaligi amancane avamise ukuba yingozi futhi vele asuke ezidele amathambo emidlalweni enjena.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.