UMalesela uyakubona ukukhanya kwiChilli Boys

UDan Malesela ocija iChippa United uthi uzobona enkundleni ukuthi bazoyithini iMamelodi Sundowns koweligi ngeSonto

SIHLE NDLOVU

Uyayibona indlela ebheke phambili umqeqeshi weChippa United, uDan Malesela, njengoba esanda kubuyela eqenjini.

UMalesela ubuyele kwiChilli Boys ihlandla lesithathu ngemuva kokukhonjwa indlela kukaLehlohonolo Seema. Selokhu efikile izinto zibukeka zingcono kakhulu eqenjini njengoba lilokhu lixebuka ngasemsileni.

“Siyakha. Asenzi kabi kodwa futhi asenzi kahle kakhulu. Sidinga ukuthi sibhukule futhi kusamele sithole ukuthi yibaphi abadlali abatholana kahle uma bedlala. Sesisondele kulokho. Akubukeki kukubi, kubukeka kahle kakhulu uma ubheka amaphuzu esesiwaqoqile kuze kube yimanje. Siyakha,” kusho uMalesela.

IChippa inomdlalo onzima njengoba izobhekana neMamelodi Sundowns koweDStv Premiership, eLoftus Stadium, ngeSonto ngo-3.30 ntambama. UMalesela wazi kahle ukuthi ngeke kube lula ukubhekana nompetha beligi okuyimanje basesicongweni se-log.

“Yiqembu eliqhwakele futhi lenza kahle. Iningi labadlali selibe ndawonye isikhathi eside. Kuzoba yinselelo kithina kodwa ngicabanga ukuthi sizokwazi ukubhekana nayo. Ngeke nakancane sihlale emuva kodwa sizodlala sikhululeke, sibone ukuthi umdlalo uhamba kanjani.

“Angiyena umuntu othanda ukukhuluma kakhulu ngemidlalo ingakaqali. Ngifuna sidlale sibone ukuthi sikuphi. Izinto eziningi zingalungiswa ngesikhathi sekhefu. Nakanjani ufuna ukuba nesiwombe sokuqala esihle, bese ubone ukuthi ungalungisa kuphi ngesikhathi sekhefu,” kusho uMalesela.

IChilli Boys bekumele idlale neBlomefontein Celtic phakathi nesonto kodwa umdlalo wangaba khona ngenxa yemvula ebeliyishaya kakhulu. UMalesela uthe lokhu hleze kubasizile.

“Kuhlale kunesizathu kuyo yonke into eyenzekayo noma engenzeki. Kunesizathu sokuthi kungani singadlalanga, mhlawumbe besidinga ukuphumula ngoba besihamba kakhulu. Ukube sidlale neCeltic besizodlalela emvuleni nokuyinto ebizobakhathaza kakhulu abadlali. Ngiyethemba ukuthi lokhu kusisizile,” kuphetha uMalesela.

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.