UMalinga ushumayela ubumbano kwezamankomane eKZN

UMalinga ushumayela ubumbano kwezamankomane eKZN
UZandile Malinga
Alfred Ngubane

UZandile Malinga ongusihlalo wenhlangano yabahleli bezimpi KwaZulu-Natal usenxuse ubuholi bezamankomane kulesi sifundazwe ukuthi busebenze ngokuzikhandla ekufukulezi isibhakela.

UMalinga uthi akumele kube khona ukugxobana amakhona phakathi kobuholi besibhakela nabahleli bezimpi ngoba lokho kulimaza amabhokisa angahlangene nhlobo nepolitiki yobuholi.

“Ekugcineni abantu abathikamezekayo kuyo yonke le midonsiswano ekhona abashayisibhakela okuyibo okumele ngabe babekwe phambili kulo mdlalo,” kusho uMalinga.

Ukhuluma kanjena nje Impempe isanda kubika ukuthi kunuka uhlofu kwezamankomane eKZN njengoba kukhonjwana ngenjumbane.

Lokhu kulandela ukukhuluma kukaMike Dube, okunguye omele iBoxing South Africa eKZN.

UDube wasitshela ukuthi uzozamela abahleli bezimpi izifundo zokubacija ukuze bakwazi ukuwenza ngendlela eyiyo nehloniphekile lo msebenzi.

Lokhu kawehlanga kahle kubabhleli bezimpi futhi ngokuthola nokubika kweMpempe isimo asisihle phakathi kwakhe nabahleli njengoba sekuze kwaba nokuchapjhana ngezinhlamba.

UMalinga uphinde waveza ukuthi bayakuqonda ukuthi ukuhlehla kwezimpi into enhle futhi kwabona kubahlukumezile.

“Ngeke uvele udikile izimpi uthi awusaqhubeki nazo kungonakele lutho. Kusuke kunezizizathu ezahlukene ezisiphoqayo lesi simo,” kusho uMalinga.

Ubuye wathembisa ukuthi lezi zimpi zizobuya ngamandla njengoba ezeStarline Boxing Promotions sezizolwa ngoMeyi 1.

FUNDA NALA: Unukelwa yiwini kuMaZulu oweTS Galaxy

“Akuzoshintshalutho ngamabhokisa azolwa kuzoqhubeka wona lawa abevele ezolwa,” kuthembisa uMalinga uzalwa emndenini onegama elihle esibhakeleni sakuleli.

Uthi banezinhlelo zokunxenxa abebala elimhlophe, amakhaladi nabomdabu waseNdiya kwazise bayashoda kakhulu kulesi sifundazwe kwezamankomane.

“Sizokhuluma nabaqeqeshi babo sibanxenxe ukuthi babaveze ngaphambili.” Ube esexolisa kubalandeli bezamankomane ngokuhlehla kwezimpi abese bezibheke ngabomvu.

“Ngokuzithoba nje kubalandeli bezamankomane kulesi sifundazwe naseNingizimu Afrika yonkana, siyaxolisa ngokubhuntsha kwezimpi ebekufanele zibe khona kodwa zangenzeka.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.