UMalo uyayithemba iBurkina Faso ukuthi izogqashula nakwiSenegal

UMalo uyayithemba iBurkina Faso ukuthi izogqashula nakwiSenegal
UKamou Malo
Alfred Ngubane

Umqeqeshi weBurkina Faso uKamou Malo unokuzethemba njengoba ezakhe zibheke emdlalweni owandulela owamanqamu kwi-Africa Cup of Nations (Afcon).

IBUrkina Faso izogadulisana neSenegal kulo mdlalo ozoba se-Ahmadou Ahidjo Stadium ngoLwesithathu ngo-9 kusihlwa.

UMalo uvez eukuzethemba kwakhe ngemuva kokuthi abafana bakhe bedlale ibhola elihle ngesikhathi behlula iTunisia emzuliswaneni odlule.

Uthi yena kuyamthokozisa ukuthi amaqembu ase-Afrika aholwe ngabaqeqeshi bakhona futhi aphumelel.

“Njalo amazwe ethu aholwa ngabaqeqeshi bangaphandle kwase-Afrika abangaliqondi kahle ibhola lethu, bayanhlanhlatha nje,” kusho uMalo.

IBurkina Faso ike yafika kowamanqamu ngo-2013 kodwa yahlulwa yiNigeria kanti yayiphekwa nguPaul Put waseBelgium ngalowo nyaka.

FUNDA NALA: UMngqithi ukhala ngofishi abakhulu abaphunyuke iSundowns

Ngemuva kwakhe kwangena uPaulo Duartes wasePortugal. Omunye umqeqeshi wase-Afrika kwabebekhona kulo mqhudelwano ngu-Aliou Cisse weSenegal.

Kuzodonsa amehlo ke ukubona ibhola elizodlalwa kulo mdlalo kwazise aphekwa ngabaqeqeshi basekhaya womabili lamaqembu.

UMalo uphinde wayala abadlali bakhe ukuthi bakhohlwe izidubedube ezenzeka ezweni labo kodwa bagxilise umqondo wabo emdlalweni wabo neSenegal.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.