UMaluleka akazi kujikephi sebemchitha kade bemncoma kwiSundowns

UMaluleka akazi kujikephi sebemchitha kade bemncoma kwiSundowns
UGeorge Maluleka ezicija nozakwabo abasha kuMaZulu FC muva nje
Sbongs Gumbi

Ukuhamba kukaGeorge Maluleka kwiMamelodi Sundowns kumshiye ezibuza eziphendula ngokuthi kujikephi njengoba esededelwa kade enconywa kangaka.

UMaluleka ube ngumdllao wokuqala iSundowns emkhululile ekupheleni kwesizini edlule ngemuva kwamabili ekuyo.

Udedelwa nje abaqeqeshi beSundowns, oManqoba Mngqithi, Rulani Mokwena noSteve Komphela bebekhuluma kahle ngaye, bemncoma.

“Ngeke ngithi ngiphoxekile… Yonke into eyenzekayo kusuke kunesizathu sokuthi yenzeke. Sikhona nesenze bangichithe,” kusho uMaluleka kwabeSAfm kuleli viki.  

“Ngisuke lapho angabe ngisabheka emuva. SengikuMaZulu manje futhi ngikujabulele ukuba khona. Sengibheke okuzayo manje.

“Ngicabanga ukuthi kuvumelane zombili izinhlangothi. Bakusho ukuthi ngeke bayivuselele inkontileka yami yize bekunomgomo wokuthi bengayelula ngonyaka.”  

UMaluleka uyakuqonda ukuthi yinto yasebholeni ukuthi abadlali bafike baphinde bahambe emaqenjini, angakuqondi ukuthi kungani pho abaqeqeshi bebekhuluma kahle kanje ngaye.  

“Bebekhuluma kuhle ngami… Benginobudlelwano obuhle nabo bonke abaqeqeshi. Bengikhuluma nabo futhi sinobudlelwano obuvulelekile.  

“KOdwa ke manje sengisamukele isinqumo esithathiwe ngoba vele bengingadlali ngendlela ebengifisa ukudlala ngayo. Sixhawulanile, sahlukana kahle nje kungaxatshenwe,” kuchaza yena.

Njengoba ebechitha isikhathi esiningi endaweni yezihlwele noma ebhentshini uma kuthuke wangena eqenjini, uMaluleka ugcine esephenduka ihlaya kubalandeli beKaizer Chiefs ayedlala kuyo phambilini.

FUNDA NALA: UHunt ubuyele ekhaya kwiSUperSport United ngemuva kokuphoxeka kwiChiefs

Kodwa ukwazile ukuthola indlela yokukuziba konke abebekusho ngaye, wagxila emsebenzini ayequqashelwe kwiSundowns.

“Bengilokhu ngisebenza ngokuzikhandla njalo nje. Asikho isikhathi sokuba muncu, uxhukule uma ungadlali kulele zinga.

“Kumele uqhubeke nokuzikhandla bese ulindela ithuba lakho. Bengikwenza konke okusemandleni bese ngilisebenzisa ngendlela efanele ithuba uma livela. 

“Ngijabulile ngendlela ebengidlala ngayo uma nginikwa ithuba. Sihlukane kahle nje kukuhle,” kwengeza yena. 

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *