UMaluleka usefuna ukubolekiswa kwiSundowns

UMaluleka usefuna ukubolekiswa kwiSundowns
UGeorge Maluleka
UDABA: Intatheli yeMpempe
ISITHOMBE: Twitter

Sekuvele ukuthi akaseneme ngokugcina ngokujima kuphela kwiMamelodi Sundowns uGeorge Maluleka.

Lo mdlali wasesiswini ufike kwiSundowns ngo-2020 esuka kwiKaizer Chiefs la ayengomunye wabadlali abamqoka.

Yize ake walithola ijezi esanda kufika kwiSundowns kodwa muva nje uselizwa ngendaba.

Useke waze waphendulwa ihlaya ezinkundleni zokuxhumana kuthiwa usenikwe umsebenzi wokugezisa abanye abadllai izandla njalo uma befika njengoba kuneCovid-19 nje.

Nokho sekuvele ukuthi useke wavela emahhovisi abaqeqeshi eyozwa ukuthi ngabe isimo sakhe sime kanjani.

Ngokubika kwePhakaaathi, uMaluleka ucele ukuba akhululwe kwiSundowns ayodlala kwelinye iqembu uma sekuvulwe iwini ngoJanuwari.

“Lapha kwiSundowns wonke umuntu uvulelekile ukuthi uma engeneme ayongqongqoza emahhovisi abaqeqeshi.

“Uvumelekile umdlali ukuthi uma ebona ukuthi usekhathele ukungadlali ayocela ukuthi abolekiswe ukuze athole ukudlala.

“NoMaluleka ubhekene naleso simo njengamanje kulindeleke ukuba kuphume isinqumo ngokuthi uyadedelwa yini maduze nje,” kucashunwe umthombo usho kanje.

FUNDA NALA: UDuduzane Zuma usezongena kwezamankomane

Omunye umdlali Impempe esithole ukuthi naye akasahlalisekile kuleli qembu laseChloorkop nguHlompho Kekana.

Kuzokhumbuleka ukuthi kuke kwazanywa ukuthi uKekana akasale esewagaxa emgibeni amakhokho bese ethatha esinye isikhundla eqenjini.

Nokho wakunqaba lokhu ngoba ethi usafuna ukudlala eminye iminyaka embalwa.

Bobabili laba badlali banezinkontileka ezinde kuleli qembu kanti bahola itshe lemali okuzokwenza kube nzima ukuba bathole amaqembu.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.