UMaluleka usejahe kuqale isizini, iSundowns ihubhe izicoco

UMaluleka usejahe kuqale isizini, iSundowns ihubhe izicoco
UGeorge Maluleka
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

UGeorge Maluleka uthi asikhi isikhathi asithanda njengalesi sokulungiselela ukuqala kwesizini entsha. Kufanele ukuthi bancane ke nokho abadlali abasithandayo lesi sikhathi ngoba sisuke sisho ukuphela kwamaholidi nokubuyela emsebenzini bebe besazibusisa nemindeni yabo.

Uma isizini isiqalile siba sincane isikhathi abadlali abasichitha nemindeni nabangani kwazise ibhola lesimanje sekudlalwa noma kujinywe nsuku zonke. Kodwa uMaluleka, oteketiswa ngelikaMido, uthi yena uyasijabulela lesi sikhathi.

“Kubalikelike ukuthi niyilungiselele kahle isizini ukuze nakhe isisekelo enizosebenzela kuso uma sekuqale isizini. Uma ngikhuluma iqiniso nje, yisikhathi engisithanda kakhulu lesi,” kusho uMaluleka.

“Akukho engingakukhetha ngithi angikuthandi. Lesi sikhathi siyangisiza ukuzicija kahle ngilungise nesimo sokuba fithi ukuze ngikwazi ukulwela indawo eqenjini bese ngisiza iqembu lifeze izinhloso zalo,” kuchaza yena.

UMaluleka udlale imidlalo emincane kakhulu kwiSundowns ngesizini edlule futhi kuke kwaba namahlebezi okuthi angase akhululwe. NJengoba eseneminyaka engu-32, ikusasa lakhe kuleli qembu lisengcupheni.

Abaqeqeshi kuthiwa bafuna ukulakha kabusha iqembu beshoke kakhulu ngabafana abasebancane. Yingakho abadlali abafana noHlompho Kekana bengasadlali njalo kanti uTiyani Mabunda yena usededeliwe.

UMaluleka ungomunye wabadlai ababelandwe nguPitso Mosimane ngaphambi kokuthi ashiye isigubhukane kuleli qembu laseChloorkop aye e-Egypt la aseqeqesha khona i-Al Ahly. Kodwa njengoba uMido esebuyele eqenjini sekunethemba lokuthi uzogcinwa futhi anikwe ithuba.

ISundowns isayine abanye abadlali ukuqinisa iqembu elivele liyinqanawe efiswa yinoma yimuphi umqeqeshi kwiDStv Premiership. ISundowns isayine oGrant Kekana, Pavol Safranko, Thabiso Kutumela Neo Maema noDivine Lunga. UMaluleka uthe iqembu litheze kahle impela.

FUNDA NALA: OMothwa, Sithebe noDe Reuck ngabanye abafanelwe yindawo kwiBafana enkulu

“Laba badlali bahle kakhulu futhi sebengenze ngayijabulela isizini entsha, sengijahe iqale. SInezinto esizibekele zona esifuna ukuzizuza siyiMamelodi Sundowns futhi laba badlali abasha basinyusela amathuba okuthi sikwazi ukuba yiqembu elisezingeni eliphezulu kakhulu,” kuchaza uMaluleka.

ISundowns izovula isizini ngomdlalo ongelula njengoba izogadulisana neqembu likaMaluleka lakudala iKaizer Chiefs kwiMTN8. Iyona ezobe ivikela isicoco seligi kanti kulindeleke yenze kahle nakwezinye iphinde yenze kangcono nakwiCAF Champions Legaue.

Ingcindezi inkulu kubaqeqeshi oManqoba Mngithi noRulani Mokwena ukuthi baqoqe izindebe. Isizini edlule ivele iphele sekuke kwanephungana lokuthi abaphathi beqembu bayathimula ngabo.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.