UMaluleka wethuleke umthwalo ebuya ngegoli kwiSundowns

UMaluleka wethuleke umthwalo ebuya ngegoli kwiSundowns
UGeorge Maluleka
OkaDonga Gumbi

UGeorge Maluleka ubesephenduke inhlekisa isikhathi eside kubalandeli ikakhulukazi abeKaizer Chiefs abacabanga ukuthi wabadayisa ngesikhathi eshiya leli qembu ejoyina iMamelo Sundowns.

Ngaleso sikhathi uMaluleka wayengumdlali obalulekile kwiChiefs nokuyingakho abanye babalandeli kusenzima bamukele ukushiya kwakhe.

Nokho ufike kwiSundowns kwanzima ukuthola ijezi njengoba egcine eseyihlaya abalandeli bemgcona ngokuthi wayelandelwe ukuzogezisa abanye abadlali izandla njengoba kuneCovid nje.

Ubonakale eqenjini eliqala umdlalo okokuqala kule sizini ngesikhathi iSundowns igadulisana ne-El-Mereikh emdlalweni weCaf Champions League ngoMgqibelo emini.

“Ngijabule. Ngijabule kakhulu. Kusuke umthwalo emahlombe ami,” kusho uMaluleka ngemuva komdlalo.

“Ngiyakhuthazeka ngokusazokwenzeka. Kodwa okubaluleke kakhulu wukuthi ngijabulele ukuthi iqembu lithole umphumela omuhle.

“Sidlale kahle yize besingenza kangcono… kodwa ngijabule kakhulu ukuthi siwinile. Ngidlalile namuhla futhi sathola umphumela omuhle.

“Ngethemba ukuthi ngidlale kahle, ngijabule ngendlela engidlale ngayo kodwa ngicabanga ukuthi ngisangenza kangcono ngokuzayo.

FUNDA NALA: Bavule inkampani yokuqhatha izimpi Olundi abafuna ukufukula amabhokisa asemakhaya

Ube esephinda ephawula ngegoli alishayile okuyilo elibe ngelokuqala kulo mdlalo obuseFNB Stadium.

“Igoli elikhethekile kakhulu kimi. Igoli lami lokuqala kwiMamelodi Sundowns ngakho ngizoligcina endaweni ekhethekile.

“Kube yindlela enhle yokubuyela eqenjini ukuthi ngifike ngishaye igoli… Akukho okuningi engingakusho,”  kuchaza yena esebonakala nasebusweni ukuthi uvukwa umunyu.

 editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.