UMama Joy useyilaxaze phansi iPirates abengumlandeli wayo

UMama Joy useyilaxaze phansi iPirates abengumlandeli wayo
UMama Joy
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter 

Wenze obekungalindelwe umlandeli omkhulu we-Orlando Pirates uMama Joy Chauke eshiya phansi leli qembu akhule ezifela ngalo.

UMama Joy usememezele ukuthi uyayilaxaza iPirates njengoba eseqome iRoyal AM kaShauwn “MaMkhize” Mkhize.

Uveze lezi zindaba ngoLwesine kwabeNewsroom Afrika la achaze khona nangezizathu zakhe.

“Bantu baseNingizimu Afrika, ngithi anginazise namuhla ukuthi ngiyayishiya i-Orlando Pirates.

“Kunzima. Kodwa noma kunzima kunjalo, sengijoyina iRoyal AM,” kusho uMama Joy.

“Ngakho kusukela namuhla, angiselona iBhakhaniya sengingokaNkosazana (uMaMkhize).

“Nginqume ukujoyina iRoyal AM ukweseka uMaMkhize.

“Uyakhumbula ngesikhathi ekwiGladAfrica Championship ezama ukungena kwiPremiership kwathi ngosuku lokugcina kwathiwa cha sekungena iSekhukhune.

FUNDA NALA: Umngani kaPhungwayo uyamphikela ebugebengwini asolwa ngabo

“Kwaba nzima kimi ukubona umuntu wesifazane ehlukumezeka ngaleya ndlela.

“UMaMkhize uyalithanda ibhola ngakho ukumbona ehlukumezeka kwaba buhlungu.

“Kuthe kusenjalo ngezwa sekuthiwa usethenge iBloemfontein Celtic ngathi ‘hha okusho ukuthi umama ubefuna ngampela ukuza kulesi sigaba’.”

Eminyakeni engu-20, uwodwa kuphela umdlalo wasekhaya wePirates uMama Joy angayanga kuwo ngenxa yokuthi wayeshonelwe.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.