UMamaJoy uhlokoloze abePirates esweni ebachomela ngendawo kwiligi

UMamaJoy uhlokoloze abePirates esweni ebachomela ngendawo kwiligi
UMamaJoy osengumlandeli weRoyal AM
OkaDonga Gumbi

Uzithintele izinqandu umlandeli weRoyal AM uMamaJoy echomela abalandeli beqembu abelilandela kudala i-Orlando Pirates ngokuthi kungenzeka bangayitholi indawo yesithathu kwiDStv Premiership.

IPirates kumele ishaye iSuperSport United ngo 5-0 ukuze ikwazi ukweqa iRoyal AM esendaweni yesithathu bese ibuyela kwiCaf Confederation Cup ngesizini ezayo.

Lo mdlalo uzoba seLucas Moripe Stadium ngoMsombuluko ngo-6 ntambama. Amatsatsantsa ayaziwa ngokuhlale eyithwalisa uthayela kunomoya iPirates.

“UMamaJoy uyacwebezela. Ungumlandeli wokuqina weRoyal AM,” kubhala uMamaJoy ogama lakhe langempela nguJoy Chauke kwiTwitter.

“Sekusondele ukuthi sidlale kwiCCC (Caf Confederation Cup) ekubeni abanye basalinde ukushaya amagoli amane ndawana thize neNingizimu Afrika.Thwihli Thwahla.”

Kuthe abamudle luhlaza ke lapho abalandeli beZimnyama bemsola ngokuba yimbuka njengoba bethi walandela ibhodwe eliconsayo ngokuyoba ngumlandeli weRoyal AM.

FUNDA NALA: UHugo Marques wafika ezovala isikhala okwesikhashana, wahlala wenaba kwiCity

Nokho abanye bebemeseka, bethi wenza kahle abatshele ezikabhoqo abalandeli bePirates. Ubantinyela kanjena nje abalandeli bePirates basanda kumgcona nabo.

Babecula ngaye ngesikhathi ese-Orlando Stadium iPirates ibhekene neChippa United muva nje, waphuma edumele.

“Ngithukile ngesikhathi ngiye emdlalweni wePirates ngazithola sengihhahhanyezwa abalandeli,” washo kanje ngaleso sigameko uMamaJoy.

“Bekungokokuqala ngibhekana nesimo esinjena, ukuthi kube yimi ohhahhanyezwa abalandeli.

“Kujwayeleke ukuthi abalandeli bahhahhameze abaladlali. Mina angazi ngenzeni ngize ngiphathwe kanjena nje.

“Ngisathuka namanje uma ngicabanga lento futhi angazi ngithini ngayo. Kodwa lento abayenzile ayiyinhle neze.

“Kumele bakuhloniphe futhi bakuqonde ukuthi ngakhetha iRoyal AM. Futhi ngihlale ngiya ezinkundleni ngoba sesivumelekile nje.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.