UMaMkhize akaneme ngezinto ezithile kwiRoyal AM, usebize umhlangano

UMaMkhize akaneme ngezinto ezithile kwiRoyal AM, usebize umhlangano
UShauwn "uMaMkhize" Mkhize ongumengameli weRoyal AM
Alfred Ngubane 

Kunuka uhlofu ekhempini yeRoyal AM njengoba kuvela ukuthi umengameli, uShauwn “uMaMkhize” Mkhize, akeneme ngezinqumo ezithathwe yena engekho eseholidini e-USA.

Ekubuyeni kwakhe uMaMkhize usebize umhlangano nabezindaba lapho kulindeleke acacise ngezinto ezithile ngeqembu lakhe, njengoba kunemibiko ethi kukhona okungahambi kahle.

Into okuvela ukuthi imkhube kakhulu uMaMkhize, wukuhamba komqeqeshi uJohn “Vul’igate” Maduka osekwiMaritzburg United.

Kuzokhumbuleka ke ukuthi ubudlelwano abubuhle kula maqembu aseMgungundlovu njengoba aqala ukungezwani iRoyal AM isabizwa ngeRoyal Eagles, kubangwa iHarry Gwala Stadium.

Impempe ithole ukuthi uMaMkhize uxhilwa kakhulu wukuthi uvunyelwe kanjani uMaduka ahambe kungakhulunywanga naye ngalokhu.

Isikhulu esiphezulu kuleli qembu, uSinky Mnisi, sikucacisile okwenza amkhulule lo mqeqeshi ngesikhathi sikhuluma nabeMetro FM ngoLwesibili ebusuku.

“Abantu basaluzwe kabi lolu daba beluzwa ngezimbongolo nje nazo eziluzwe emoyeni,” kusho uMnisi ohlelweni luka-Andile Ncube. 

“Abantu batshelwe izinto eziningi ezehlukene. Manje sekuyisikhathi sokuthi baluzwe kumuntu olwazi kahle.

“Okwenzekayo wukuthi ngathola ucingo oluvela kuNeo Madlala, oyimenenja kaJohn Maduka, ebuza ukuthi singavuma yini ukuba kwehlukanwe ngokuthula.

“Mina ngabe sengimtshela ukuthi akakubhale phansi lokhu akucelayo. Nebala wakwenza lokho, wayibhala le ncwadi ecele ukuba kwehlukanwe.

FUNDA NALA: IRichards Bay ingase ihlomule ngomgadli ezombolekwa yiPirates

“Zintathu izinto ezibalulekile ezazikule ncwadi. Okokuqala wukuthi bacela kwehlukanwe. Okwesibili, uMaduka wayezohlala kusukela ngoJuni 6 kuya kuJulayi 6, ukuze athole umhlomulo wakhe. 

“Okwesithathu, wakuveza ukuthi banezizathu ezenza bacele le nto kodwa abangeke bakwazi ukuzidalula okwamanje.

“Ngabe sengimcela ukuthi acele nomqeqeshi ayisayine le ncwadi ukuze kuqiniseke ukuthi isuka kuye.

“Ngabe sengithola incwadi esuka kuye uMaduka ithi nebala nguyena oyalele uNeo Madlala ukuthi amcelele ukukhululwa,” kuchaza uMnisi.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.