UMaMkhize uchitha izinsolo zokungaholelwa kwabadlali kwiRoyal AM

UMaMkhize uchitha izinsolo zokungaholelwa kwabadlali kwiRoyal AM
UShaun "MaMkhize" Mkhize
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Instagram

Umengameli weRoyal AM, uShauwn “MaMkhize” Mkhize useziphundulele ngezinsolo ezivele ngoLwesine zokuthi kunabadlali abangaholile eqenjini lakhe.

Impempe ibike ukuthi abadlali baleli qembu laKwaZulu-Natal banqabile ukuyozicija ngoba benezikhalo ngamaholo nendlela abaphetwhe ngayo eqenjini.

Ebhala kwi-Instagram, uMaMkhize uyakuchitha lokhu, uthi ngamampunge nje, futhi ukucacisile nokuthi kungani labo abangaholile bengayitholanga imali yabo.

Ubhale kanje: “Ngifisa ukucacisa lezi zinsolo ezimbi ezenziwe ngathi:

  1. Umdlalo wethu (wokuzwana amandla) naMaZulu FC uyekiwe ngenxa yezizathu zezempilo ohlangothini lwaMaZulu engingenalo ilungelo lokuziveza mina. Kodwa ningabathinta bona banichazele.
  2. Abadlali abayisishiyagalombili abakwazanga ukuthola imiholo yabo ngenxa yokuthi kusenamathizethize asadinga ukulungiswa ngezinkontileka zabo. Lolo daba lusadingidwa futhi yingakho sesicele nomengameli qenyunyana yabadlali ukuba azosilekelela
  3. Abadlali abahlala bebe baningi egunmbini elilodwa kungoba bezikhethele bona. Bangabangani futhi bazicelela ukuba bahlaliswe ndawonye.
  4. Asibophezelekile ukutholela abadlali nemindeni yabo izindawo zokuhlala. Bangabadlali abakhokhelwayo ngakho kufanele bazilungisele bona indaba yendawo yokuhlala. Thina sibanika indawo yokuhlala ngesikhathi kusadlalwa noma uma sisekhempini.
  5. Ngiyazi izintatheli zinomgomo wokuthi ‘zingalinge zidalule imithombo yazo’ kodwa ngiyazinxenxa ukuba ziqinisekise ukuthi leyo ‘mthombo’ iyakwazi ekhuluma ngakho!!! IRoyal AM inethimba eliphelele labantu abawaziyo umsebenzi wabo abaphendula imibuzo yabezindaba.

“Nginethemba elikhulu lokuthi izintatheli nabezindaba abafisa ukubhala ngami, umndeni wami noma iqembu lami bazokwenza umsebenzi ongcono sokuqinisekisa ukuthi bashicilela iqiniso.”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.