UMaMkhize uphawula ngokuhamba kukaMaduka kwiRoyal AM

UMaMkhize uphawula ngokushiywa kukaMaduka
UShauwn "uMaMkhize" Mkhize ngesikhathi ekhuluma nabezindaba
Sbongs Gumbi

Kuvele obala ukuthi akumphathanga kahle umengameli weRoyal AM uShauwn “uMaMkhize” Mkhize ukushiywa isigubhukane nguJohn Maduka obeqeqesha leli qembu.

UMaduka ufake incwadi yokwesula emsebenzini ngesikhathi uMaMkhize engekho eseholidini e-USA. Isicelo sakhe semukelwa nguSinky Mnisi oyisikhulu esiphezulu esisamisiwe.  

Sekuke kwabikwa ke ukuthi uMaMkhize wawotha ubomvu ngemuva kokuzwa izindaba zokuthi uMaduka uvele wahamba engasavalelisile.

Lo mqeqeshi odabuka eMalawi wabe esethushuka komakhelwane beRoyal AM iMaritzburg United. IRoyal AM yona yabe seyiqasha uKhabo Zondo. 

“Angazi (ukuthi kungani ehambile uMaduka). Futhi ke mina ngicabanga ukuthi into ebalulekile yinhliziyo yomuntu,” kusho uMaMkhize kwabezindaba ngoLwesihlanu. 

“Besinobudlelwano obuhle impela. Kodwa ke noma engangitshelanga ukuthi uxoshwa yini, uma inhliziyo yakhe beyingasekho lapha lokho kusho ukuthi bekungasekuhle.”

UMnisi uke wakuveza ngasekuqaleni kwale nyanga ukuthi uMaduka nguye owazicelela ukukhululwa wabe esesivuma lesi sicelo sakhe.

FUNDA NALA: UMaela uyalisabawela ibhande lobukaputeni kwiPirates

Nokho ukuhamba kukaMaduka kwaqubula izinsolo zokuthi ufakelwe ingcindezi yokuthi ahambe nguye uMnisi ngoba ephendlela abangani bakhe umsebenzi.

Lezi zinsolo ziqine kakhulu eseqasha uZondo obese kuphele iminyaka engu-13 agcina ukuqeqesha ezingeli elikhokhelayo.

Kukholakala ukuthi yikho ke lokhu osekwenze uMaMkhize alekelele uZondo ngokwengeza uDan Malesela no-Abram Nteo njengabaqeqeshi azosebenza ngokubambisana nabo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.