UMancini we-Italy uvuma ukuphuma kwabo bezwile kwi-Austria

UMancini we-Italy uvuma ukuphuma kwabo bezwile kwi-Austria
URoberto Mancini
UDABA: Mhlengi Josta Cele
ISITHOMBE: Twitter

Umqeqeshi we-Italy, uRoberto Mancini akawuvali umlomo ngabadlali bakhe abusuke ebhentshini bashaya amagoli afake i-Azzuri esigabeni esilandelayo kwi-Euro 2020.

I-Italy ishaye i-Austria ngo 2-1 esikhathini esengeziwe emdlalweni wayo wokuqala esigabeni somkhumulajezi kulo mhudelwano. I-Austria beyidaza inkani engasukumi phansi futhi ize yabogeka sekusesikhathini esengeziwe ngeuva kokuphela komdlalo zibambene.

OFederico Chiesa noMatteo Pessina yibo abashayele i-Italy amagoli besuka ebhentshini. UManuel Locatelli naye ungene kwaba noshintsho, wabonakala umehluko. “Bonke abadlali bami engibafakile bebebahle kakhulu,” kuncoma uMancini ngemuva komdlalo. “Iqiniso ukuthi sinabadlali esingabafaka noma nini, bafike benze umsebenzi ngoba bahlale njalo bekulungele ukubhekena nempi.

“Abadlali bebefuna ukuwunqoba lo mdlalo. Laba badlali esibafakile benze kahle kakhulu yingakho sikwazile ukunqoba ekugcineni,” kuqhuba lo mqeqeshi oneminyaka engu-56.

FUNDA NALA: IChippa isibuyele kwiPremiership

UMancini uphinde wagcizelela ukuthi abazange bayibukele phansi i-Austria. Ukugcizelele ukuthi umdlalo wabo ne-Austria ubunzima kakhulu.

Uthe akaboni ukuthi olandelayo, la abazobhekana khona nozowina phakathi kweBelgium nePortugal uzoba nzima njengalo we-Austria.

Ibelgium nePortugal bazokhiphana inkani ngeSonto. Ozowina kubo uzodlala ne-Italy ngoLwesihlanu.

“Abadlali njengeBelgium nePortugal kodwa bona (Austria) benza impilo ibe nzima uma udlala nabo, bakudalela izinkinga eziningi enkundleni,” kuchaza uMancini.

EMAIL: Editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.