UMane uthi ubhecwa ngobende ngezinkulumo zokukhokhela ozakwabo

UMane uthi ubhecwa ngobende ngezinkulumo zokukhokhela ozakwabo
USadio Mane
Alfred Ngubane

USadio Mane usephike ukuthi kukhona imali ayinikeze abadlali baseSenegal ukuze banqobe inkomishi ye-Africa Cup of Nations (Afcon) eCameroon.

Lezi zinsolo zivele ngemuva kokubonakala ukuzimisela kwabadlali beSenegal abebelikhuphule kakhulu izinga bewashisa i-Equatorial Guinea ijezi ngo 3-1 ngempelasonto.

Nokho uMane uyakuphika lokhu uthi ubhecwa ngobende kodwa inyama engazange ayithimbibi.

Ephawula ngomdlalo wangoLwesithathu kusihlwa la bezogadulisana khona neBurkina Faso kowandulela owamanqamu, uMane uthe ukuzimisela eqenjini yinto yakhona yendalo.

FUNDA NALA: UBenni ungenza ezintangeni ngendaba kaSithebe

“Kumele ubheke ukuthi sidlala kanjani uzobona ukuthi wonke umdlali azimisele ngokuthi siyinqobe le ndebe.

“Akukho okunye esikudingayo ukuze kusigqugquzele ngaphandle kokwenza izwe lethu lziqhenye ngokuthi silibele ebalazweni,” kusho uMane.

ISenegal idlule emqenjini anjengoCape Verde kumaqembu ayishumi nesithupha, yabe seyiphinda inqoba kwi-Equatorial Guinea.

Okunye okwenza ibukeke ihlangene kangcono iSenegal wukuthi nomqeqeshi u-Aliou Cisse useyibambe isikhathi eside kuleli qembu futhi uyiqonda kahle imidlalo ye-Afcon.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.