UManqele ukhala ngomqeqeshi owayefuna ukumkhipha ebholeni

UManqele ukhala ngomqeqeshi owayefuna ukumkhipha ebholeni
U-Edward Manqele
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

U-Edward Manqele ukhombe umqeqeshi owamxosha ngenjumbane wathi wayefuna ukumyekisa ibhola ngoba esaba ukusebenza nabadlali asebekhulile abaliqondayo ibhola. UManqele, owake wagijima kwiKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns uthi uMichael Lukhubeni wabaxosha bengazi benzeni kwiReal Kings ngesizini eyandulela edlule.

“Uyazi nawe ebholeni kunepolitiki eningi… Kukhona lomqeqeshi obizwa ngoMike Lukhubeni okwathi uma efika (kwiReal Kings) waba nenkinga nabadlali asebekhulile eqenjini.

“Ngiyakhumbula nje ngesikhathi kumele sibuyele eqenjini (ngemuva kwamaholidi kaDisemba wango-2019). Sathola imilayezo ethi singabe sisabuya umqeqeshi uthi ngeke akwazi ukusebenza nathi,” usho kanje uManqele ekhuluma nabePhakaaathi.

“Angizange ngazi ngampela ukuthi samenzani. Ngabona sengathi ufuna ngigcine sengilizonda ibhola,” kuchaza lo mgadli osedlule emaqenjini ambalwa.

Ngendlela ayedideke ngayo, uManqele wakhetha ukuthi ake ahlabe ikhefu ake abhenkane nezinto ezibhekene naye ngqo empilweni yakhe.

“Ngaqoka ukuthi ngingaqali ngifune elinye iqembu ngaleso sikhathi. Ngangifuna ukulungisa izinto eziqondene nami ngazitshela ukuthi ngizobuyela ekudlaleni. Ngiyacabanga baningi abebezibuza ukuthi engabe waphelelaphi uManqele.

“Kodwa ngangifuna ukuthi ngike ngishayele phansi bese ngilungisa konke ukuze ngibuyele kahle ekudlaleni, Bengifuna ukubuya sengikhululekile nasemqondweni. Bengiwhubeka nokuziqeqesha ngidlala nakuma-amesha ukuze ngihlale ngisesimweni,” kuchaza yena.

Usebuyile ke manje uManqele. Usayine kwiPretoria Callies eqeqeshwa nguJoel Masutha ayesebenza naye kwiReal Kings phambilini.

FUNDA NALA: IBafana iphinde yawina ngomcacamezelo ishaya iSihlangu seMnikati

“Bengilokhu ngixhumana nomqeqeshi uMasutha. Sivamisie ukuxhumana futhi nangesikhathi eseya kwiCallies wangitshela. Besilokhu sixhumana. Kukhona iqembu laseKapa ebelingifuna.

“Kodwa ngibheke ukuthi kuzodingeka ngiphinde ngiqhele futhi ekhaya uma ngiya kulo, ngishiye umndeni wami. Sesiside isikhathi ngihlala kude nasekhaya, yingakho ngibone kungcono ukuthi ngihlale eGauteng.

“Ngale kwalokho, iCallies yiqembu eliphethwe kahle futhi linezifiso ezinkulu. Bafuna ukunyukela kwiDStv Premiership,” kuchaza uManqele.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *