UMantengu ufuna ukuvala ‘umlomo omanzi’ kaBonokoane

UMantengu ufuna ukuvala 'umlomo omanzi' kaBonokoane
U-Innocent "Tycoon" Mantengu
Alfred Ngubane

U-Innocent “Tycoon” Mantengu uthi ufuna ukuvala umlomo omanzi kaThabo “Captain” Bonokoane, ongadeli yize eseke wasithoa isibhaxu.

La mabhokisa azokulwa okwesithathu njengoba ahlangana okuqala badlala ngokulingana.

Kwathi sebephinda okwesibili wanqoba uMantengu, ethatha ibhande lakuleli esisindweni seJunior Featherweight.

“Lo mfana ngifuna ukumshaya azivalele inyanga yonke engaphumi endlini, khona ezopheza ukulokhu ehamba ekhuluma ngami.

“Ngiyabona namanje ukuthi unethuku ekhanda, ngizomelapha ke manje. Angimboni nakancane ema endleleni yami,” kusho uMantengu.

Le mpi izoba ngo-Ephreli 4. UMantengu ubonge nabahleli bayo ngokuthi bamnike ithuba lokuphinde azidlele amahlanga.

“Mina ngiyabonga kwiJ4 Joy Boxing Promotion ukuthi isinike leli thuba lokucanda lo mfana ongezwa.

“Mina ngingumpetha, ngingaphezulu kwakhe,” kusho uMantengu odabuka eMtubatuba, ophekwa nguSimon Ndlovu.

UBonokoane wakhala kakhulu ngokuthi bambambe inkunzi emini kwa bha ngesikhathi eshaywa okokuqala uMantengu.

Ekhuluma neMpempe uthe into emcasula kakhulu ukuthi wamehlula uMantengu kodwa wabanjelwa ngamajaji.

“Buka nje wabe esethatha leli bhande eyonikela ngalo kuJay-Jay Sonjica. Mina ngifuna ukumbonisa ukuthi ngempela ibhande liphathwa kanjani njengoba yena ehlulekile ukuligcina

FUNDA NALA: UBaxter uthi iChiefs isangasihlwitha isicoco seligi kwiSundowns

“Nginomsebenzi okumele ngiwenze ngomhla ka-8 Ephreli, bese ngidlulela phambili ngoba ngisafuna ukuqoqa amabhande amakhulu emhlabeni.

“Mina ngingumpetha futho leyo yiyonanto engazalelwa yona – ukunqoba,” kuphetha uBonokoane oqeqeshwa nguCharity Mukondeleli.

Enye impi ezobhekwa ngamehlo abomvu, ngekampetha wakuleli uTshifhiwa Munyai ozovikela ibhande lakhe lakuleli esisindweni seLightweight, ku-Aphiwe Mboyiya.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.