UMantengu uzowagaxa emgibeni amagilavu uma ehluliwe

UMantengu uzowagaxa emgibeni amagilavu uma ehluliwe
UThato Bonokoane
Alfred Ngubane

U-Innocent “Tycoon” Mantengu uthi uma kuke kwangamhambela kahle kule mpi yakhe ezayo ngeke asagxila kakhulu esibhakeleni.

Ekhuluma neMpempe kamuva nje, uphakamise ukuthi le mpi izocacisa ngekusasa lakhe kwezamanqindi.

UMantengu uzoxhimfana noThato Bonokoane ezama ukumphuca ibhande lakhe leWBF esisindweni seBantamweight.

Laba bashayisibhakela bazobe sebehlangana okwesithathu njengoba bahlangana okukuqala badlala ngokulingana.

Bathi sebephinda kwanqoba uMantengu. Bazophinde bafihlelane izinzipho ngoLwesihlanu eMidelburg eMpumalanga.

“Uma ngehlulekile ukuthatha leli bhande cishe komele ngivele ngikhohlwe yisibhakela,” kusho uMantengu.

FUNDA NALA: UZongo ukhala ngokuboza kwabadlali kwiPSL

“Kobe kusho ukuthi ayikho indaba yami uma ngingahluleka ukushaya lo mfana ngoba sengiyamazi ulwa kanjani.”

Umqeqeshi kaMantengu uthi umbonile elwa noTholumusa Ngema , wathi akukho okushintshile kakhulu ngaye njengoba esengaphansi komqeqeshi omusha.

Nokho izingqapheli zamankomane zibona ezokhala ngaphansi uMantengu njengoba kuvela ukuthi akajimile ngokwanele uma kuqhathaniswa nangaphambilini.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.