UManyama akadikibele ngokudlulela phambili kwiChampions League

ULebohang Manyama weKaizer Chiefs
SIHLE NDLOVU
ULebohang Manyama weKaizer Chiefs uthi abalilahlile nakancane ithemba lokudlulela kuma-quarterfinals kwiCAF Champions League.
IChiefs ayiyiqalanga kahle imidlalo yeChampions League.
Idlale ngokulingana ngo 0-0 neHoroya FC ekhaya, yase ibhaxabulwa yiWydad Athletic Club ngo 4-0 ekuhambeni. Lokhu kuchaza ukuthi leli qembu laseNaturena linephuzu elilodwa ngemuva kwemidlalo emibili.
Nokho uManyama uthe bazoqhubeka balwe ngoba kusengenzeka noma yini. Bazobhekana nePetroleos de Luanda, yase-Angola, komunye umdlalo weChampions League, eFNB Stadium, ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.
“Sisenemidlalo emine esizoyidlala. Ngicabanga ukuthi uma singawina imidlalo yethu emibili yasekhaya esele, bese sizama ukuthola amaphuzu agcwele ekuhambeni kwelinye lamaqembu esizodlala nawo, sinethuba elikahle lokudlulela phambili ngoba amaqembu asazobhekana. Siyazi ukuthi noma yiliphi iqembu lingashaywa ngakho akukonakali kakhulu,” kusho uManyama.
Lo mdlali uthe uzizwa ewumqemane kulezi zinsuku yize kuke kwaba nemibuzo ngefomu yakhe yakamuva.
“Into okufanele siyivume ukuthi kule sizini wonke umuntu uyehla abuye anyuke njengoba kwenzeka emhlabeni wonke. Akulula neze ukudlala njalo ngemuva kwezinsuku ezintathu. Akuyona into elula njengoba abanye abantu becabanga. Sizozama ukuqeda isizini ngegiya eliphezulu, siziphushe kulezi zinyanga ezizayo, sibone ukuthi siphelela kuphi,” kubeka uManyama.
Mayelana nesimo ekhephini yeChiefs, uthe: “Yinto engeke iphikwe ukuthi kuyaphoxa indlela ehambe ngayo isizini yethu. Siyakuzwa konke lokhu okuzwiwa yibo bonke abantu abahlangene neqembu, abantu abalithandayo iqembu. Ababodwa kulokhu abakuzwayo. Kodwa kumele siqhubeke nokuzama ngoba kusenemidlalo eminingi esele yeligi. Kumele siqede isizini ngendlela ehloniphekile.”
Umdlalo wangoMgqibelo akungabazeki ukuthi uzoyifakela enkulu ingcindezi iChiefs, eshaya udaka kakhulu kule sizini.
“Umdlalo onzima futhi sizobe sidlala neqembu esingalazi. Sifuna ukuthola amaphuzu ukuze nathi kucace ukuthi senzani. Umdlalo wasekhaya, kumele senze konke okusemandleni ukuthi sithola amaphuzu amathathu,” kuchaza uManyama.
Uvumile nokho ukuthi akwenele abasakwenze emidlalweni yamaqoqo yeChampions League kuze kube yimanje.
“Besazi ukuthi kuzoba nzima ngoba sidlala namaqembu aphezulu e-Afrika. Nokho ngicabanga ukuthi emdlalweni wokuqala neHoroya sasingawina ngoba sathola inqwaba yamathuba kodwa sangawasebenzisa, okuyinto esinenkinga yayo kule sizini. Ngesinye isikhathi ukugeja amathuba kwenza sijeziswe. Ngicabanga ukuthi kulo mqhudelwano uma uwina imidlalo yasekhaya kwenza izinto zibe lula,” kuphetha uManyama.
Email: editor@impempe.com  
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.