UManyama uthi iChiefs ayithembele koyedwa ngamagoli

UManyama uthi iChiefs ayithembele koyedwa ngamagoli
ULebogang Manyama
Sbongs Gumbi

Ukuthi usuke wayidlala kangaki iSoweto dabhi akusho lutho ngokusho kukaLebogang Manyama weKaizer Chiefs. Uthi lo mdlalo unomuzwa ohlukile kweminye. 

“Lona ngumdlalo cishe omkhulu kunayo yonke ezweni, sonke siyakwazi lokho. Sonke siyakwazi okulindeleke kulo mdlalo nenjabulo ofika nayo. Siyakwazi okudingeka kuwo, ngisho nakithi esesike sawudlala kaningana phambilini,” kusho uManyama. 

 “Ngeshwa ke nje ngeke ube nomuzwa ofanayo njengoba bengekho abalandeli kulokhu. Kodwa okubalulekile ilamaphuzu amathathu asesitikini. 

“Thina sibheke ukuqinisa izinyathelo zethu ezibheke lapho sifisa ukuphelela khona uma kuphethwa isizini.” 

Lo mdlalo ozoba ngoMgqibelo e-Orlando Stadium ungase ucacise ngelizogcina liphelele endaweni yesibili kulamaqembu aseSoweto. IChiefs izodlala engekho umgadli wayo oyisethenjwa uSamir Nurkoviç omisiwe ngenxa yamakhadi. 

FUNDA NALA: Selusukunyelwa ungqongqoshe olokuhlehla kwezimpi eZKN

UManyama uthi akubakhathazile lokhu ngoba okuzobasizayo bona wukuthi abanaye umdlali oyedwa ababheke kuye amagoli. 

“Kuhle ukuthi abashaya amagoli baqhamuka noma kuziphi izindawo enkundleni, okusho ukuthi asithembele kumuntu oyedwa ukuthola amagoli. 

“Kodwa okube ke wukuthi siyawakha amathuba abe maningi futhi bese singakwazi ukuwasebenzisa wonke. 

“Iyona yinto leyo esizama ukuyilungisa ejimini futhi ukhona umehluko. Maduze nje sizobe sesiwasebenzisa wonke amathuba esiwatholayo.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.