UMapimpi udlale ingcwenga Amabhokobhoko ehlula iScotland

UMapimpi udlale ingcwenga Amabhokobhoko ehlula iScotland
UMakazole Mapimpi
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter 

Kugqame ukudlala kahle kukaMakazole Mapimpi ngesikhathi Amabhokobhoko eshaya iScotland ngo 30-15 emdlalweni weTest eBT Murrayfield Stadium, e-Edinburgh, ngoMgqibelo.

UMapimpi ube nomdlalo omuhle kuyo yonke imizuzu engu-80 futhi bekucaca ukuthi abadlali beScotland bebebikelwa uma ibhola lisezandleni zakhe.

Ibingazibekile phansi neze iScotland nokucaciswe ukuthi iyona ebeke amaphuzu ebhodini kuqala, zaphinde zaya ekhefini kuyiyona ehamba phambili.

Iphenathi kaFinn Russell ngomzuzu ka-17, iyona ebeke phambili iqembu lasekhaya.

AmaBhokobhoko aphendule ngephenathi ka-Elton Jantjies ngomzuzu ka-22.

URussell uyitholile enye iphenathi ngomzuzu ka-20 kodwa wayigeja.

Kuthe ngomzuzu ka-29 uMapimpi washaya i-try ngemuva kokuthi ethole enhle iphasi ivela kukaputeni wakhe uSiyamthanda Kolisi.

Nokho ubuyile uStuart Hogg washaya i-try yeScotland. Zishintshe kungu 10-8 kuhamba phambili iqembu lasekhaya.

Ngesiwombe sesibili iNingizimu Afrika ibisidlala kahle kakhulu nokufakazelwe ukuwina kwayo inqwaba yamaphenathi.

Ngomzuzu ka-43 ubuyile futhi uMapimpi washaya enye i-try yakhe yesibili, kulokhu ngemuva kokuxhumana kamnandi noJantjies ngakulayini.

AmaBhokobhoko azithole ehamba phambili ngo 21-10 ngemuva kwamaphenathi amabili kaJantjies ngomzuzu ka-51 noka-56.

IScotland izamile ukubuyela emdlalweni uHogg eshaya i-try yakhe yesibili yomdlalo.

Into ebulale iqembu lasekhaya kakhulu ukuthi belenza amaphutha kuma-lineouts njengoba kuze kwaba kathathu amaBhokobhoko ewahlula kuma-linouts alo.

FUNDA NALA: UMhango useyabonakala ukuthi akeneme kwiPirates

UHandre’ Pollard, ongene endaweni ka-Janties ushaye iphenathi ngomzuzu ka-69, kwathi uFrans Steyn, ongene endaweni kaWillie le Roux, naye washaya eyakhe ngomzuzu ka-71.

Lapho kuvele kwacaca ukuthi iNingizimu Afrika seyiwinile ngoba nebhola ibisiligcina isikhathi eside.

Eyokugcina iphenathi ishaywe uPollard ngomzuzu ka-78 umdlalo waphela ngo 30-15.

Emdlalweni olandelayo amBhokobhoko azobhekana ne-England ngoMgqibelo eTwickenham.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.