UMapimpi wehlule inhlupheko waphumelela kwelombhoxo

UMakazole Mapimpi
Sihle Ndlovu

UMakazole Mapimpi usengomunye wabadlali abahlonishwayo emhlabeni ebholeni lombhoxo, kulandela ukuwina iNdebe yoMhlaba ngo-2019, eJapan.

Lo mdlali wasophondweni alingatshazwa ikhono lakhe ebholeni lombhoxo. UMapimpi uveze ukuthi ukhuliswe ugogo wakhe ngesikhathi ekhuluma kwiMap1mp1, okuwuhlelo olukhuluma mayelana nempilo yakhe.

“Kwakunzima kakhulu kimina ngoba kwakumele ngihambe ibanga elingamakhilomitha ayishumi ukuya esikoleni,” kusho uMapimpi.

“Kumele ufike esikoleni ufunde, bese uphinde uhambe ibanga elifanayo usuphindela emuva ekhaya. Uma ufika ekhaya akukho muntu, akukho futhi nokudla.

“Isikhathi esiningi ngangijwayele ukulala ngingadlile. Ngangize ngivakashele abangani komakhelwane ukuze kube khona into engena esiswini.”

Nokho lokho uMapimpi akumenzanga wadikibala futhi wayelokhu eqhubeka nokudlala ibhola lombhoxo.

“Ngesikhathi ngikhula mina yayingekho ithelevishini ekhaya. Kwakukhona umsakazo nje omncane esasiwulalela.

“Ngicabanga ukuthi lokho kwangenza ukuthi ngiphikelele ukubhekana nezinselelo eziningi engihlangabezane nazo.”

Kuningi akushoyo uMapimpi kulolu hlelo oluvela kwiSuperSport, lapho kundlalwa khona konke ngemvelaphi yakhe.

Eminyakeni engu-31 anayo uMapimpi, impilo yakhe seyishintshe kakhulu. Usedlalele iBorder Bulldogs, Southern Kings, Free State Cheetahs, Sharks neNTT Red Hurricanes, yaseJapan.

Ungumdlali obaluleke kakhulu eqenjini lesizwe laseNingizimu Afrika, amaBhokobhoko. Waba ngumdlali wokuqala ngqa waseNingizimu Afrika, ukushaya i-try kwiNdebe yoMhlaba, eJapan, ngo-2019. Udaba mayelana nempilo yakhe luyabagqugquzela kakhulu abantwana basemakhaya abazifela ngezemidlalo.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.